UPRECIOUS Mthembu osezimisele ngokuthi aboshelwe eqenjini lesizwe elizoyodlala kwindebe yomhlaba eseLiverpool UPRECIOUS Mthembu osezimisele ngokuthi aboshelwe eqenjini lesizwe elizoyodlala kwindebe yomhlaba eseLiverpool
UKULIMALA abanye abadlali kubafikisela ngesibhocobhoco bagcine sebezivalela endlini bangasondeli ezinkundleni zomdlalo abasuke benesiphiwo kuwo kodwa uPrecious Mthembu ogijima kumaProteas akumenzanga waphenduka isibukeli.
Ukunalokho ufingqe imikhono waqeqesha iqembu iGilbert Stars ebiphekwa uMarchell Maroun osefudukele eKapa.
Exoxa naleli phephandaba uMthembu uthe ukhuthazeke ngokwedlulele ukuqhubeka azibandakanye ne-netball enikwa ithuba lokulolonga iStars kanti asezimisele ngakho wukuthi ayodlala kwiNetball World Cup eseLiverpool, e-England ngoJulayi 12-21.
“Sengiluleme, ngenyanga eyedlule odokotela bathe sengingumqemane sengingabuyela enkundleni.
“Esengikulindele wukuthi ngimenyelwe kuma-trials engicabanga ukuthi ango-Ephreli. Sobe sisonke, kubadlali abangu-18 kuyohlungwa ukuze kutholakale abangu-12 abayoya endebeni yomhlaba,” kusho uMthembu namuhla eHoy Park, eThekwini ozobe eyibambe kwiGilbert Stars emidlalweni yeKZN netball Super League.
“Ukulimala kungenze ngaqina ngokwedlulele. Ukube bengingalimali ngabe kade ngafinyelela emidlalweni engu-100. Imidlalo engu-97 engiyidlalile into enkulu kakhulu. Ayenzeki kunoma ubani. Iphupho lami wukuthi ngiyofika ku-100.”
Ngokusho kukaMthembu ogijiima kwiKingdom Stars uma egcina eqokwa uzobe edlala kweyesithathu indebe yomhlaba. Eyokuqala adlale kuyo ibiseNew Zealand ngo 2007, eyesibili adlale kuyo ibise-Australia. Uqale ukudlala eqenjini lesizwe ngo 2006 kwi-test eyayise-England.
Lo mdlali unxusa abazali abanesifiso sokuthi izingane zabo zithuthuke kulo mdlali ukuthi batheleke ngobuningi bazozibukela imidlalo ezobe iseqophelweni eliphezulu nokulindeleke kuphume kuyo abadlali abayodlala kwindebe yoMhlaba eseKapa ngo 2023.
IGilbert Stars izodlala neZiphozonke eHoy Park, eThekwini ngo-1.30 emini.
Umengameli weKZN netball uThemba “TV” Mkhize uthe ulindele ukuthi lenyuke ngendlela eyedlulele izinga emidlalweni yeKZN Netball Super League okuzobe kuboshelwe kuyo izifunda ze-netball eziyisikhombisa.
Lezi zifunda ezizobe zishukana nezigabe ngabadlali abanjengoXoli Shange odlala kwi-Under 21 yama-proteas noJesicca Khomo, iTheku, uMkhanyakude, Ugu, King Cetshwayo, Zululand, uMgungundlovu neHarry Gwala.
“Imidlalo izobe inzima isezingeni eliphezulu ngendlela eyisimangaliso.
“Abadlali bazobe bethole ishashalazi lokukhipha unyawo kubaqeqeshi beKingdom Stars ukuze uma sekuqala imidlalo yeBrutal Fruit baboshelwe kuqala. Bazodlala ukunqamuka iqakala,” kusho uMkhize.
“Ngale midlalo sifuna ukuthuthukisa umdlalo we-netball futhi siqhubeke nokukhiqiza abadlali abadlondlobala bayodlala ezingeni lesizwe."
Related Topics: