Nakuba ukugula kuyinto ebuhlungu kodwa ukube uNosipho Mthembu (22), akuzange kumbambe ngabe akakafiki kuleli zinga akulo emdlalweni wokugwedla (canoeing).
Intokazi edabuka eShongweni Dam, ngaseHillcrest, eThekwini, isiphenduke omunye wabagwedli abahlonishwayo kuleli ngenxa yempumelelo yayo. Iqale iDusi ngo-2018 ineminyaka ewu-16, kumajuniya.
Ngo-2019 ngesikhathi ineminyaka ewu-17, beyiseqenjini ebelimele iNingizimu Afrika kuma-ICF Canoe World Championships, eChina nakuma-African Games, eMorocco.
Iqembu layo lika-K4 labuya nendondo yegolide ku-Under/18.
Nanyakenye beyisesikwatini esibuye nezindondo eziwu-17 kuma-African Beach Games eTunisia. Kulo mqhudelwano uNosipho unqobe indondo yesiliva. Ngawo u-2023 uwole izindondo eziwu-13 kumaNational Championships abeseGauteng. Zibe yisikhombisa ezegolide.
UNosipho ogwedla ngaphansi koMzinyathi Canoe Club, utshele iphephandaba ukuthi ngeke imphuthele nonyaka iDusi Canoe Marathon, ezoqala ngoFebruwari 15 eBishopstowe Country Club, isongwe ngoFebhuwari 17, eBlue Lagoon, eThekwini. Kwi-K2, uNosipho uzogwedla noShannon Parker. Ngesonto eledlule balale isibili ku-23km osuke eNanda, waphelela eThekwini. Kuzobe kuwunyaka wesine egwedla kwiDusi esigabeni samasiniya.
UNosipho uveze ukuthi bayavumelana benoShannon ngokuthi uma livela ithuba lokunqoba iDusi, ngeke baliyeke.
"Sibe namalungiselelo amahle eDusi. Ubufakazi wumjaho wangesonto eledlule. Sibambisane kahle noShannon. Angingabazi ukuthi sizokwenza kahle kwiDusi. Nakuba singekho madla kangako uma kugwedlwa kodwa uma sekugijinywa, kutshethwe izikebhe, ngeke usithinte ngejubane. Ngithandazela ukuthi kube wunyaka wempumelelo. Ngifuna nokuya kumaWorld Canoe Marathon, eGermay," kubeka uNosipho ophothule umatric eThokozamnganga High, ngo-2019.
Uvele wafa insini echaza ngokwaholela ekutheni angene kulo mdlalo.
"Ngikhule ngidlala ibhola nekarati. Abazali bami bebengayizwa eyokuyobhukuda eShongweni Dam, babesaba izinyoka. Ngesikhathi ngineminyaka ewu-13 ngibanjwe wukugula. Abazali bami bangiphoqa ukuthi ngiyeke imidlalo. Kwenzeka lokhu, umngani wami esasijima naye ikarati, ubenobhuti ojimisa ukugwedla. Usekhona namanje umqeqeshi uThokozani Ngcobo, eMzinyathi Canoe Club. Sadudana ngokuthi sijoyine ikilabhu yakhe. Ngasheshe ngawufunda umdlalo. Esontweni lokuqala ngifikile ngabashaya bonke emakhanda. Babengazi lutho abazali ngokwakuqhubeka. Ezinsukwini ezimbalwa nginqobile umqeqeshi uThembisnkosi wangitshela ukuthi ngifakwe eqenjini eliyogwedla eCape Town. Lokhu kwangiphoqa ukuthi ngiyoziceba ekhaya,“ kulanda uNosipho ngohambo lwakhe kwezokugwedla.
Uqhube wathi:"Angilukhohlwa usuku engaziceba ngalo. Ngangisaba, ngizitshela ukuthi ngizoshawa. Benza okungalindelekile abazali bami ngoba banginika izibusiso. Ngemuva komjaho waseCape Town, angibange ngisabheka emuva. Ngifakwe wukugula kulo mdlalo".
Uveze ukuthi okubuhlungu ukuthi akuphileki ngomdlalo wokugwedla ngoba awunabo abaxhasi.
"Isifiso sami ukubona lo mdlalo ukhokhela abadlali bawo njengoba kwenzeka ebholeni nakweminye imidlalo. Ukungabi namali kuphoqa ukuthi sibambe amatoho. Kuyimanje ngisebenza eSpirit of Adventure khona eShongweni Dam," kuqhuba uNosipho.
Uveze ukuthi unyelwe yinyoni esandleni ngoba uthole abaxhasi, iMartin Dreyer Change a Life Academy. Uthe iyona ekhokhele zonke izindleko zokugwedla kwiDusi.
Related Topics: