U-PIETER-Steph du Toit ogijima kwi-flank eqenjini lesizwe lakuleli, uthole indondo ye-Men’s 15s Player of the Year, enikwa umdlali ovelele embhoxweni emhlabeni jikelele Isithombe: INSTAGRAM/BOKS
KUMKHUTHAZILE ukuphinde ahlabane nendondo enkulu kuma-World Rugby Awards abebanjelwe eMonaco, ngeSonto ebusuku, umdlali wamaBhokobhoko, u-Pieter-Steph du Toit.
Lo mdlali ogijima kwi-flank uthole indondo ye-Men’s 15s Player of the Year, enikwa umdlali ovelele embhoxweni emhlabeni jikelele. Kulo munxa ubeqokwe nozakwabo bamaBhokobhoko ababili, u-Eben Etzebeth no-Cheslin Kolbe, no-Caelan Doris wase-Ireland.
Bekungokwesibili ewina lo mklomelo njengoba awuthatha nango-2019, ngemuva kokuthi amaBhokobhoko enqobe iNdebe yoMhlaba eJapan. Usezifake ohlwini olukhethekile lwabadlali asebenqobe lo mklomelo kabili noma ngaphezulu lapho ejoyine khona izingwazi ezintathu zaseNew Zealand, uDan Carter, Richie McCaw noBeauden Barrett.
“Ngiyazimisela njalo uma ngigqoka ijezi lamaBhokobhoko nawo wonke amanye amajezi engake ngawagqoka. Ngeke wazi uma kuwumdlalo wakho wokugcina. Ukuthola imiklomelo efana nalena kuyajabulisa kakhulu. Kuyakhuthaza ukuba yingxenye yemicimbi enje nokwazi ukuthi umsebenzi owenzayo uyabonakala. Nokho, umbhoxo umdlalo wamaqembu. Akukho ongakwenza ngaphandle kozakwenu,” kusho uDu Toit
"Ukuba yingxenye yamaBhokobhoko kusho lukhulu. Kuyamangalisa ukusondelana nabadlali abasezingeni eliphezulu kangaka futhi kuyajabulisa ukubona izinga umbhoxo waseNingizimu Afrika okulona njengamanje.”
Umdlali wasemuva wase-England, u-Ellie Kildunne, uqokwe njengeWomen’s 15s Player of the Year, kwathi umqeqeshi weqembu laseFrance leSevens, u-Jérôme Daret, wathola indondo yeCoach of the Year.
Abangene eqenjini lekhethelo labeselisa abangu-15:
1. Ox Nche (South Africa) 2. Malcolm Marx (South Africa) 3. Tyrel Lomax (New Zealand) 4. Eben Etzebeth (South Africa) 5. Tadhg Beirne (Ireland) 6. Pablo Matera (Argentina) 7. Pieter-Steph du Toit (South Africa) 8. Caelan Doris (Ireland) 9. Jamison Gibson-Park (Ireland) 10. Damian McKenzie (New Zealand) 11. James Lowe (Ireland) 12. Damian de Allende (South Africa) 13. Jesse Kriel (South Africa) 14. Cheslin Kolbe (South Africa) 15. Will Jordan (New Zealand).
Related Topics: