UMQEQESHI weqembu lesizwe le Under 17 (Amajimbos) uVela Khumalo uthi kubalulekile ukuthi amaqembu esizwe asathuthukiswa adlale namanye amazwe ase-Afrika, nawomhlaba. Isithombe: Sydney Mahlangu/ BackpagePix
UMQEQESHI weqembu lesizwe lika-Under 17 ( Amajimbos), uVela Khumalo, uthi kubalulekile ukuthi amaqembu esizwe akuleli asathuthukiswa, abambe iqhaza emiqhudelwaneni emikhulu ezwenikazi, i-Afrika neyomhlaba jikelele.
UKhumalo (42), usho kanjena nje ezakhe zingompetha beCosafa be-Under 17 Youth Championship, eyayiseBhayi ekupheleni konyaka odlule. Ukunqoba kwamaMajimbos lo mqhudelwano kuyibekisele indawo kwiTotal Under 17 Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco ngoMashi.
UKhumalo uqokelwe kwesokucija Amajimbos ngo-2019 engena esikhundleni esishiywe nguMolefi Ntseki, owakhushulelwa kwesokuqeqesha iBafana Bafana. Uqale ukuhola leli qembu kwiCosafa yango-2019 eyayiseMalawi. Iqembu lakhe labhekwa isambane liphuma ekuseni.
Ukunqoba kwakhe isicoco seCosafa Under 17 kuqede ishobolo leminyaka lokwehluleka kwamaqembu esizwe ka-Under 17 ukunqoba lo mqhudelwano, njengoba kwakugcine ngo-2002.
“Kusho lukhulu kimina ukunqoba umqhudelwano weCosafa Under 17, kanjalo futhi nokuzibekisela indawo emqhudelwaneni we-Afcon Under 17 eMorocco ngonyaka ozayo. Nakhona kwi-Afcon sifuna ukuhamba ibanga, hhayi ukuyophelezela nje, ngoba sifuna leli qembu lizibekisele indawo nakwiNdebe yoMhlaba (ezodlalelwa ePeru ngo-2023).
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ukusebenza kwami nomqeqeshi uMolefi engingene ezicathulweni zakhe, kungiqinise ukhakhayi kakhulu. Empeleni ngisuka kude naye kusukela ngisaqeqesha ezingeni lebhola lezikole nama-univesithi, bengilokhu ngisebenza naye. Kuningi engikufunde kuye kusukela esangamele isikhungo sakhe iHarmony Sport Academy,” kusho uKhumalo, odabuka eKroonstad, eFree State, kwesikaSteve Komphela.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi amaqembu esizwe abadlali abasebancane akuleli, abambe iqhaza emiqhudelwaneni emikhulu ezwenikazi lase-Afrika nasezingeni lomhlaba. Lokho kuyasiza kakhulu ekuqiniseni ukhakhayi kubadlali, kubanike namathuba okubonwa yizinhloli zamaqembu ase-Europe.
“Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi laba badlali esibakhulisayo bakwazi ukuthi banyukele nasemaqenjini amakhulu, njengoba bekhona nabanye abebedlala ku-Under 17 manje asebedlala ku-Under 20 (Amajita) kanti abanye sebedlala nakuBafana Bafana.”
UKhumalo wayeyiphini likaNtseki, ngenkathi Amajimbos ezibekisela indawo okokuqala emlandweni koweNdebe yoMhlaba ka-Under 17 owawudlalelwa eChile, eSouth America ngo-2015, nakowe-Afcon Under 17 owawudlalelwa eNiger, lapho iqembu lehlulwa yiMali kowamanqamu.
Lo mqeqeshi akawuvali umlomo nangeqhaza elabanjwa nguSerame Letsoaka, owake waba ngumqeqeshi weBafana Bafana, ekumfakeni ugqozi lwezokuqeqesha.
“Ngenkathi ngisesenyunivesithi (yaseQwaqwa) ngenza izifundo zobuthisha, ngathola ukukhuthazwa ngumqeqeshi uSerame ekuthatheni izifundo zokuqeqesha futhi engikhuthaza ngokubaluleka kokuzithuthukisa kulo mkhakha wezokuqeqesha. Yingakho namhlanje sengineziqu zeCAF A Licence nezinye izitifiketi zeSafa zokuqeqesha futhi ngisaqhubeka namanje nokuzithuthukisa kulo mkhakha”
Lo mqeqeshi oyiphini likathishanhloko eNootgedacht eRandburg, eGoli, noneqembu elidlala kuSAB Regional League, eSoweto, ube esephonsela inselelo abaqeqeshi bamaqembu asezinhlakeni zeSafa ezindaweni zasemalokishini nasemakhaya ngokubaluleka kokuzithuthukisa, ukuze abadlali abasakhuliswa bathole uqeqesho olufanele besebancane.
Related Topics: