UPHILILE Nzama waseMlaza okade engomunye wabamele iKwaZulu-Natal ohlelweni i-Big Brother Mzansi nakhishwe kulo ngeSonto ngemuva kokuthola amavoti amancane
Image: X
ITSHITSHI laseMlaza, uPhilile Nzama, ebelikade liyingxenye yabamele iKwaZulu-Natal ohlelweni oludonse amehlo abaningi i-Big Brother Mzansi olukhonjiswa kuDStv (198), seliveze ukuthi indlela elangena ngayo kule ndlu yamenza wehlelwa umdlandla futhi yangamenza waziveza ukuthi ungubani.
UPhilile ubekwabane abaphume ngeSonto ngenxa yokuba namavoti amancane.
Ukhishwe kule ndlu noTyrone, Mandy Hagan noMelino.
Ekhuluma noSmash Afrika ongumethuli wohlelo, ngebanga alihambile uPhilile uthe ukuvotelwa ngabanye bozakwabo ayezohlala nabo endlini kwadala ukuthi asabe ukuziveza ukuthi ungubani ngempela nobekuzomsiza ekutheni azakhele ugazi kubabukeli balo.
“Yangiphatha kabi indlela umuntu afika ngayo. Ngangifisa ukungena njengabanye kodwa akwangenzeka. Esontweni lokuqala mina nabanye esangena ngendlela efanayo nami yokuvotelwa abayingxenye yohlelo sasikhuluma sizicwecwe ngoba ababengene kuqala babesitshela ukuthi sisendlini ngenxa yomusa wabo. Lokhu kwaze kwadala impi phakathi kukaBonnie B noNsuku ngenxa yokuthi uBonnie B wayefuna kube ngathi sikhulekela yena,” kuchaza uPhilile.
Uveze ukuthi uzamile kancane ukubuya njengoba ehambe ibanga elide ohlelweni.
“Ngiyaziqhenya ukuhlala izinsuku ezingu-49 kule ndlu ngoba ngangithi kuzoba isonto elilodwa, kodwa kuthe sengibona isikhathi sihamba ngaziqhenya futhi ngazitshela ukuthi angiqale ngikhululeke ukuze ngidlale kahle,” kuchaza yena.
Uthe bakhona abantu azoba abangani nabo ukuya phambili abe nokuxhumana kahle nabo endlini kaBig Brother.
Uveze ukuthi yena noSwiss abathandani kodwa ube ngomunye wabantu abakhonzile endlini.
“Iningi labantu besilisa abakade besendlini bebeshiye abesifazane abathandana nabo ngaphandle. Ngakho bekumele sibahloniphe, mina ngiwumuntu osagxile emasikweni ngithanda ukuthi insizwa ingilandele uma ingithanda,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi akukho azisola ngakho akwenzile endlini njengoba ephumile bese kufike isikhathi.
Uthe kulabo abacabanga ukuthi uyabhora ngeke asho lutho njengoba ekholelwa ekutheni akalona lolo hlobo lomuntu.
“Indlu ingishintshile. Benginakho ukuzenyeza ngikhula ngenxa yokuba nesikhumba esingesihle, kodwa manje ngiyazethemba. Ngifisa ukuhlangana nemenenja ezongisiza ngingene emkhakheni wokumodela njengoba nginomzimba omuhle ngiyawuthanda lowo mkhakha. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongixhasile nongikhombise uthando,” kuchaza yena.
Related Topics: