OWAYESAKAZELA uKHOZI FM uLinda Sibiya
MHLELI: Ngivamisile ukubhekisia izinto ezenzeka emsakazweni esiwuhloniphayo Ukhozi FM. Kepha, namanje ngisasho ukuthi ngabe lukude uKhozi FM ukube kusekhona uLinda Sibiya, uLucky Sefatsi, uSthandwa Nzuza, uDiva Ngcobo, uVusizwe Langa, nomfundi wezindaba owayekuthatha akubeke Philisiwe Memela, uNgizwe Mchunu noKhetha Gwala.
Cishe bazongifakazela ababelalela Ukhozi, ngokuthi ngalezo zikhathi umsakazo wawuzihambela wodwa. Kwakuthi uma uKhozi FM lufike ePietermariztburg Royal Show, sivele siqashe amatekisi sisuka eMpangeni siya eMgungundlovu. Simagange ukuyobona abasakazi bethu.
Ngiyafisa ngelinye ilanga ukuthi abaphathi boKhozi FM, basibuyisele abasakazi bethu. Kumanje bahlanu abasakazi boKhozi, kufanele bandise isibalo ngoba abalaleleki ezinhlelweni zabo. Kepha, sizothini ngoba asiyilutho thina balaleli futhi asinazwi. Abaphathi abathatha izinqumo ezivuna bona. Lezi zigidi zabalaleli abakhuluma ngazo, bazithola ngenxa yabo laba basakazi engibabalile. Kodwa babongwa ngokukhishwa ngesango!
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
KWESAKWAMTHETHWA
Related Topics: