USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana iJaji Raymond Zondo
UMBIKO ka-Advocate Thuli Madonsela, owaphakamisa ukuthi kuqokwe ikhomishini ezocubungula izinsolo zokuphathwa kwezwe yidlanzana, wavula ikhasi elisha emlandweni weNingizimu Afrika, ngaphansi kwentando yeningi. Abanye basishayela ihlombe isiphakamiso kanti abanye bakhombisa ukungasenameli ngezizathu ezahlukene.
Njengoba umsebenzi wekhomishini usufike esiphethweni, miningi imibuzo evukayo.
Umbuzo wokuqala yilowo othi: kwakuyini inhlosongqangi yokusungulwa kwekhomishini? Omunye uzothi isizathu kwakuwukuthola iqiniso ngokuthi bakhona yini ababa nesandla ekuqhwageni amandla ombuso. Uma sekutholakele lokhu, kuzodingeka ukuthi izwe lenze imizamo yokuvikela isimo esifanayo ngokuzayo. Uma kunjalo, nembala besikhona isidingo sekhomishini.
Kodwa-ke omunye umbono uzothi izinhloso zekhomishini azizinhle. Abaqhakambisa lo mbono bazothi ikhomishini ibiqhutshwa yizinhloso zombusazwe. Lo mbono usukela ekutheni ingakaqokwa, kukhona abase bevele bethi kunedlanzana elithile elinecala lokulawula ombuso. Uma kunjalo, ikhomishini yakhelwa phezu kwezinhloso ezingezinhle nezazenzelwe ukujabulisa abathile.
Umbuzo wesibili uthi: ngabe ofakazi abavele phambi kwekhomishini babe nako yini ukwethembeka? Iqiniso lithi bakhona ofakazi abaveze izinto eziphathekayo nezizosiza izwe ngokuzayo. Kodwa iningi lofakazi lidlale ngesikhathi sekhomishini. Kukhona ababethembisa ukuthi bazoveza ulwazi oluphusile kodwa kwathi uma sebenikezwa ithuba babhibhidla kuhle kwengane encane bedlala ngemali yabakhokhi bentela. Babodwa abavele basenga ezimithiyo, kanti abanye basebenzisa ithuba abalithola ukuveza imizwa yabo esikhundleni sokubeka iqiniso obala. Leli kwaba yihlazo.
Umbuzo wesithathu uthi: ngabe amajaji aqokelwa ukusingatha izigcawu zekhomishini awenze ngendlela efanele nangobulungiswa yini umsebenzi wawo? Impendulo ithi ziningi iziwombe lapho amajaji akhombise ubuchule nokwazi umthetho. Kodwa yiqiniso elingephikwe ukuthi kuneziwombe lapho amajaji enze umsebenzi ongancomeki. Kunezikhathi lapho amajaji ayenza umsebenzi sengathi ungombusazwe. Ngebhadi umthetho ubusohlangothini lawo lokho kwenza ukuthi amaphutha enzeka angaphenywa. Ngamafuphi, kunamajaji asebenzisa amandla awo ngokungafanele.
Umbuzo wesine uthi: ngabe le mali esetshenziswe kule khomishini iwulingene yini umsebenzi ewenzile? Futhi, besikhona yini isidingo sokwelula isikhathi sokusebenza kwayo amahlandla amabili? Labo abagxila ezintweni ezinhle ezenziwe yikhomishini, bazothi kunjalo.
Owami umbono wehlukile. Nakuba umbiko wekhomishini ungakaphumi, okucacile ukuthi imali echithwe kuyo ibingasiza abantu abahlwempu eNingizimu Afrika. Ngemva kokubona ukuthi abanye bofakazi basenga ezimithiyo futhi abayazi into abayishoyo, kwakufanele ikhomishini iqede umsebenzi wayo ngesikhathi eyabe ikalelwe sona.
Umbuzo wesihlanu uthi: njengoba amagama abakwaGupta evele amahlandla amaningi kodwa lo mndeni wangavela kwi khomishini, ngabe umbiko wayo uzoba naso yini isisindo? Kukhona abazothi ubufakazi obethulwe ngofakazi banele ukunikeza ikhomishini isithunzi.
Nginombono owehlukile. Kuningi okungelona iqiniso okushiwo ngabanye bofakazi ngabakwaGupta. Ukungatholakali kohlangothi lwalo mndeni kwenza kube nongabazane ngezinye zezinsolo ezazibhekiswe kuwona.
Mangigcine ngodaba lukaMnuz Jacob Zuma nekhomishini. Umbuzo uthi: ngabe ikhomishini yabenza yini ubulungiswa kuZuma? Kunabazothi uZuma wanikezwa ithuba elanele lokuveza olwakhe uhlangothi. Owami umbono uthi ikhomishini yehlulekile ukwenza ubulungiswa kuZuma. Lesi ngesinye sezizathu ezifake izwe obishini kwasuka izibhelu, eziphethe ngokwedlula nemiphefumulo yezinkumbi zabantu. Umlando uyoba umahluleli!
Kuloba uSolwazi Bheki Mngomezulu
Related Topics: