Zivikele kwiTB uthole usizo ngokushesha. Isithombe: Henk Kruger/African News Agency (ANA)
INYANGA kaMashi, ingenye yezibalulekile emhlabeni jikelele ngenxa yokuthi ngoMashi 24 kusuke kuwusuku lokukhuthaza abantu ukuthi bazivikele esifweni sofuba.
ITB, yisifo esithelelanayo futhi singezinye zezifo eziyingozi esesibaqedile abantu ikakhulu esifundazweni, iKwaZulu-Natal.
Sikholwa wukuthi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, okubalwa nodokotela bazoqhubeka nokuyisukumela indaba yokuthi isifo singabhebhetheki. Kungakuhle uma besondeza imitholampilo engomahamba nendlwana, ezokwazi ukufinyelela lapho ingekho imitholampilo, ikakhulu ezindaweni zasemakhaya.
Ngokocwaningo lophiko lwabezeMpilo uma uyeka imishanguzo yesifo sofuba ungagcina usuphathwa olunye uhlobo lwesifo sofuba olubizwa ngeMDR-TB neXDR-TB. Lokhu kusho ukuthi isifo sisuke sesidlondlobele kakhulu, sesingeke silapheke kalula.
Ubungozi besifo bufakazelwa nayinhlangano eyengamele ezeMpilo emhlabeni jikelele, iWorld Health Organisation (WHO). Idalule ukuthi ngo-2020 bangu-1.5 million abantu ababulawa yisifo sofuba. Kuvela nokuthi isifo sofuba silandela iCovid-19, ngendlela esiyingozi ngayo.
Sethemba ukuthi abezindaba bazobambisana noMnyango wezeMpilo kuliwe nesifo esishiya kukhalwa emndenini. Sinxusa abaneTB ukuthi baqinisekise ukuthi bayayilanda imishanguzo futhi bayidle ngokuphelele.
Bangahuduli izinyawo ngoba elisuka muva likholwa yizagila.
Uma unesifo sofuba akufanele unake abanye abantu, nikela emtholampilo ngokushesha uthole usizo. Kukaningi abezempilo bexwayisa abantu abakhohlwayo ukulanda imishanguzo yeTB. Lokhu kuyingozi futhi kwenza isifo singalapheki ngokushesha.
Imindeni yabaneTB akumele ibafihle kodwa ayithintane nabahlengikazi ukuze oxinekile athole usizo oluphuthumayo. Kanjalo namalungu omndeni aqinisekise ukuthi ayahlolwa ukugwema ukubhebhetheka kwesifo.
Related Topics: