ISilo uMisuzulu kaZwelithini yiSilo sokuqala esizweni saMaZulu ukubekwa emuva kwenkululeko yaboHlanga ngo-1994. Kufanele kunconywe izinkantolo, uMthethosisekelo wezwe nokukhula kwesizwe saMaZulu ngokwengqondo ngokuthi umbango wamafa, nesihlalo sobukhosi emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, awuholelanga ekuchithekeni kwegazi. Izimbangi zonke zigijimele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Isigaba 34 soMthethosisekelo siyakugunyaza lokhu.
Sithi wonke umuntu unelungelo lokuthi noma iyiphi ingxabano engaxazululwa ngokusebenzisa umthetho, inqunywe ngokulalela okungenzeleli yinkantolo yomphakathi, ingaxazululwa yinkundla noma yisithangami esizimele nesingavuni hlangothi."
Mathathu amacala avulwe enkantolo selokhu kwakhothama iSilo uZwelithini. Elokuqala lavulwa nguNdlunkulu uSibongile Dlamini Zulu, omdala (Case No. 2751/2021P). UNdlunkulu uMaDlamini wacela inkantolo inqume ukuthi (i) umshado wakhe neSilo kwakuwumshado ohlanganisa amafa ngaphansi kweMarriage Act, No. 25 of 1961 ("Marriage Act"); (ii) iSilo uZwelithini sasingagunyaziwe ukugcagcelwa ngokomthetho wamasiko endabuko noma ukushadelwa ngaphansi kweMarriage Act emuva kokubopha ifindo lomshado noNdlunkulu uMaDlamini; (iii) owengamele amafa eSilo uZwelithini kufanele ashaye indiva imininingwane yencwadi yamafa engahambisani nomshado ohlanganisa impahla.
Elesibili lavulwa ngaMazinyane, uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma abazalwa yiSilo uZwelithini noNdlunkulu uMaDlamini (Case No. 2752/2021P). Bona bacela ukuthi inkantolo inqume ukuthi (i) ukuhlukaniswa kwamafa eSilo uZwelithini kumiswe ngoba incwadi yamafa yeSilo ayisayinwanga yiso, yasayinwa ngokomgunyathi; (ii) iSilo uMisuzulu singagcotshwa njengeNgonyama udaba lwencwadi yamafa yeSilo lungakaphothulwa.
Elesithathu lavulwa nguMntwana uMbonisi Zulu (Case No. 10879/2021P). Yena wacela inkantolo ukuba ivimbele uNdunankulu uZikalala noMengameli uRamaphosa ukuthi baphothule ukuqokwa koMntwana uMisuzulu njengeNgonyama.
NgoMashi 2 kwephezulu iJaji uMadondo lakhipha izinqumo kuwo omathathu la macala. URamaphosa akapholisanga maseko, ngoMashi 16 wakhipha incwadi egunyaza ukuqokwa koMntwana uMisuzulu njengeSilo. Ngihlaziya izinqumo zikaMadondo kula macala ngoba zizobaluleka njalo ekudlulisweni kwezintambo zombuso esizweni samaZulu ngokwemithetho engaphansi kukahulumeni wentando yeningi.
Afika kanjani enkantolo la macala?
ISilo uZwelithini sakhothama ngoMashi 12, 2021, satshalwa ngoMashi 18. NgoNovemba 29, 2016 iSilo sabhala incwadi elawula ukuhlukaniswa kwamafa. Le ncwadi yafundwa ngoMashi 19, 2021. Kule ncwadi iSilo saqoka uNdlovukazi uMantfombi Dlamini njengeBambabukhosi. NgoMashi 24 ngawo unyaka odlule, emhlanganweni womndeni waseNdlunkulu, uNdlovukazi uLaDlamini waqokwa njengeBambabukhosi kusalindwe ukugcotshwa kweSilo esizobusa. NgoMashi 30, 2021, emhlanganweni womndeni wasendlunkulu, uNdlovukazi uLaDlamini waphakamisa ukuthi uMntwana uMisuzulu athathe isihlalo sobukhosi. Ngo-Ephreli 6, 2021, incwadi yamafa yeSilo yathunyelwa kumphathi wamafa njengokuyalela kukaSection 8(1) we-Administration of Estates Act 66 of 1965.
Ngo-Ephreli 28, 2021uNdlunkulu uMaDlamini naMazinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi bavula amacala enkantolo ngokuhlukana. uNdlunkulu uMaDlamini wacela ukuthi iNkantolo inqume ukuthi iSilo uZwelithini sasingagunyaziwe ukugcagcelwa ngokomthetho wamasiko endabuko noma ukushadelwa ngaphansi kwe Marriage Act emuva kokushada noNondlunkulu uMaDlamini. AmaZinyane uNtomizosuthu no Ntandoyenkosi bona bacela ukuthi iNkantolo inqume ukuthi ukuhlukaniswa kwamafa eSilo uZwelithini kumiswe ngoba incwadi yamafa yeSilo ayisayinwanga iSilo uZwelithini, kepha yasayinwa ngomgunyathi.
NgoEphreli 9 uNdlovukazi uLaDlamini wadlula emhlabeni, isikhundla sakhe njengeBambabukhosi singakashicilelwa ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act, No. 3 of 2019 ("Leadership Act") neKwaZulu-Natal Traditional Leadership and Governance Act 5 of 2005.
UNdlovukazi LaDlamini watshalwa ngoMeyi 7. Incwadi yakhe yamafa yafundwa ngalolo suku. Njengoba wayeshilo emhlanganweni womndeni wasendlunkulu ngoMashi 30, encwadini yamafa uNdlovukazi LaDlamini waphakamisa uMntwana uMisuzulu (izinyane lakhe lokuqala neSilo uZwelithini) ukuba athathe isihlalo sobukhosi.
NgoMeyi 14, emhlanganweni womndeni wasendlunkulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi waphakamisa ukuthi uMntwana uMisuzulu aqokwe njengeSilo samaZulu ngokomthetho wendabuko namasiko esizwe samaZulu. UMntwana uMisuzulu wakwamukela ukuphakanyiswa kwakhe. Namalungu omndeni asendlunkulu akuvuma ngazwi linye ukuqokwa kukaMntwana uMisuzulu. Akubanga khona zimpikiswano, zikhalo namibuzo. AbaNtwana uMbonisi Zulu (umfowabo weSilo uZwelithini) noThembi Zulu (udadewabo weSilo uZwelithini) babengekho kulo mhlangano kodwa baxolisa ngokungabikhona. AmaZinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi babemenyiwe kulo mhlangano. Abaphumelelanga emhlanganweni futhi abaxolisanga ngalokho.
Emuva komhlangano wangoMeyi 14 amanye amalungu omndeni wasendlunkulu ahlangana aphakamisa uMntwana uSimakade Zulu (izinyane elidala leSilo uZwelithini) ukuthi abe yiSilo. UMntwana uSimakade akakwamukelanga ukuphakanyiswa kwakhe. NgoJuni 3 kuwo lo nyaka, uMntwana uThembi wabhalela uRamaphosa incwadi ekhalaza ngaphansi kukaSections 8 no-16 weLeadership Act ngokuthi umndeni wasendlunkulu awuboni ngaso linye odabeni lokubekwa kweSilo esizobusa.
Kulandela amahemuhemu okuthi uMntwana uMisuzulu uzogcotshwa njengeSilo ngoDisemba 3, 2021, uMntwana uMbonisi wavula icala ngokushesha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Wacela ukuthi inkantolo imise ukugcotshwa kukaMntwana uMisuzulu kuze kuphume izinqumo zenkantolo emacaleni afakwa nguNdlunkulu uMaDlamini naMazinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi.
NgoMashi 25 nangoDisemba 2, 2021, iJaji uMadondo lanquma ukuthi omathathu la macala alalelwe ndawonye njengoba ethinta udaba olulodwa.
IZOQHUTSHWA NGOKUZAYO
Related Topics: