Yichilo ukuhlekisa ngecala lolale nembuzi - Umfanekiso- BHEKI RADEBE
MHLELI: Ngithi ake ngikhuze umhlola osuvamisile ukwenza ezweni sakhile. Ngibuka indlela osekuvamise ukuthi kwenzeke ngayo izinto futhi imvamisa zenziwa ngabantu abadala, okumele babe yisibonelo esihle ezinganeni ezisencane nasesizweni sonkana sabantu abamnyama.
Lokhu ngikusho ngoba ezikhathini eziphambili kukhona izinto nezindaba ebezithi uma zivelile ekhaya noma endaweni yimbe, zikhulunywe ngabantu abadala nabantu abamqondo wabo usuvuthiwe.
Uma ithinta indoda, imvamisa yayikhulunywa ngamadoda, uma ithinta abesifazane ikhulunywe yibo. Uma idinga inhlawulo noma kuyicala laleyo ndaba noma leso sigameko kukhishwe isigwebo salowo muntu owonile.
Emva kwalokho inyathelwe ngezinyawo iphelele khona lapho. Uma iputshuka iyoputshuka nje kulabo nalabo abathuke beyizwa, iphelele kubo kuphela. Kungabi yindaba yezingane neyabantu bonke emhlabeni.
Lokhu kwakwenzelwa ukuvikela isithunzi sabantu abasondelene nalowo muntu, okungaba yizingane zakhe noma wumndeni wakhe wonkana.
Ngicikwa yindaba eyenzeke eKoloni lapho kunomnumzane okuthiwa ungenele imbuzi wayihlukumeza ngokoncansi, okugcine ngokuthi ife imbuzi. Le ndoda yonile kakhulu. Isenzo sayo sibi futhi siyichilo ngendlela exakile.
Uma uyibuka le ndoda isikhulile ngokweminyaka futhi inezingane ezindala mhlawumbe nabazukulu.
Uma bezwa ukuthi uyise noma umkhulu wenze into enjengalena, kuhambe kuhlekiswa ngaye noma ngubani, kwenziwe amahlaya ngento eyichilo. Ngizibuza ukuthi inhloso yalokhu iyini. Amadoda akhona akuphi futhi kungani kungamakhosikazi anwenebula indoda kanje ayipheke ayithulule ngemibuzo. Indaba kungani ingayiswa enduneni noma kubizwe amadoda endawo akhulume ngale nto, nendoda eyenzile ihlawule noma iboshwe uma kufanele? Lokhu kukhomba ukuthi amadoda ezweni kawasahloniphekile futhi awanasithunzi noma mhlawumbe awekho amadoda aqotho. Nokuthi uma ekhona wona athule athini, uma indoda ihlaselwa ngomama noma bona babona benze into enhle yini? Nokuthi engabe imfuyo kuleli lizwe ngeyabo omama. Mina ngazi indaba yemfuyo ikhulunywa ngamadoda. Kungani kushuthwe ividiyo yasatshalaliswa kuzo zonke izinkundla zokuxhumana? Yena lona obeshutha unanhlosoni ngale vidiyo? Uma le ndoda ingagcina izibulele, bangajabula yini bona? Cha impela iyadumaza le ndaba ngoba ngisho emisakazweni kukhulunywa ngayo. Angazi kahle ukuthi bona abasakazi baqondeni ngokulokhu basicefezela ngalendaba eyichilo kangaka noma iyabachaza yini noma bona abanaso isono. Noma bafuna ukuthi umndeni walo baba utheleke ngehlazo noma bafuna indoda igcine isizibulele. Umsakazo wakhelwe ukusilethela izindaba ezakhayo, hhayi amanyala anjengalawa. Izingane zethu ezisezincane ziyahlukumezeka ngokwengqondo ngoba thina abanye izingane sizikhulisa ngenye indlela enenhlonipho phakathi. Manje izingane ezingayiboni futhi ezingazi lutho ngale nto ziyabuza njalo uma sekudlalwa le ndaba, zifuna ukwazi kabanzi ukuthi uMambhoyi ngubani owenzeni. Ngiyawukhuza lo mkhuba wokwandisa izinto ezingamanyala neziyichilo ezweni sakhile. Nalaba abathanda ukushutha abake bakuyeke lokhu. Kungumkhuba omubi kabi. Futhi kwehlisa isithunzi sabanye abantu ngoba okuyichilo akugcini kulowo osuke enze amanyala kodwa kugcina kulimeze bonke abasondelene naye ngokwengqondo nangokomphefumulo. Ngikhuluma nje abantwana bakhe balimele. Ngubani ozosusa leso sithombe nobuhlungu ababuzwayo ngomuntu wakubo bona abamhloniphayo. Noma umuntu engelutho kwabanye abantu kodwa kwabakubo uwutho olubalulekile. Wonke umuntu unalo elakhe icala, akungasizakalwa ngomuntu wabantu. Ayisale isiphela le ndaba sesizwile ngayo.
Sengathi singabuyela endleleni yenhlonipho, sisivikele isithunzi somunye umuntu noma ngowakini noma akuyena owakini. Akekho umuntu othanda kuhlekiswe ngesihlobo sakhe.
Okhathazekile
KWAMASHU
Related Topics: