UMHLAKA-29, kuMfumfu 2022, uwuphawu olungasoze lwacisheka emlandweni kaZulu. Leli sekuyigabelo lesibili eliqophekayo ngokungena esihlalweni kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini. Elokuqala laqopheka zingu-20, kuNcwaba 2022, ngenkathi inkosi ingeniswa esibayeni ngokwesiko lasebukhosini sithatha isihlangu esalokothwa yiLembe.
Inkundla yezemidlalo eThekwini, iMoses Mabhida, iyisigcawu sokudluliselwa kwesitifiketi esivela kuhulumeni esiluphawu lokwamukela iSilo uMisuzulu njengeNgonyama kaZulu, nokuyisidingo soMthethosisekelo obusa izwe lonkana.
Yize inyathuko ibisobala, kungephikwe ukuthi kube yindlela emazombezombe ukufinyelela kulesi sigaba ngemuva kwezivuvaba ebizizishaya sambango wesihlalo kanti ezinye zazo ezisaqhubeka. Kodwa, abalandela umlando bayakuqonda ukuthi selokhu kwathi nhlo, hhayi kwaZulu kuphela, inkosi ayingeni ithilileka esihlalweni. Akuqabuki ngayo iNgonyama esibusa manje, ukuthi kube nokuhhomuzela okuphika ozongena esihlalweni.
Abahlaziyi bamanje bebelokhu bebabaze impicabadala yomdonsiswano eNdlunkulu futhi singebasole. Kepha, bekulokhu kuhlaluka ukuthi uZulu ulindele ukuthi izinyandezulu zimveze onguye. Abanye lelifu ebelisitheza iNdlunkulu bebelithatha njengelizoklabha ubumbano esizweni kodwa uZulu wonkana ube nesineke esiyisimangaliso elindele inkosi yawo.
Isambulelo sokuvuleka kwekhasi elisha kwaZulu, sibonakala nangokwenanela kwezizwe zonkana. Kula masonto iNgonyama yothiwe yiyo yonke inhlobo yomholi, kusukela kohulumeni, abazepolitiki, amakhosi kuya kosaziwayo.
Namuhla-ke kulesi isizukulwane sethu, sihlanganyela noZulu nezimenywa bedibene eThekwini, ukuzothi halala Ndlulamithi kaNdaba, edla amaqabunga ezihlahleni phezulu kwelenyoni ezinye zigoba zidla phansi. Luphathe ngokweziyalo zezingwevu udiyo olwabunjwa yiLembe, lwababala lwaze lwafinyelela kuMdlokombane njengoba namuhla selusezandleni zakho. Hlanga lomhlabathi! Bayede!
Related Topics: