UKUSEBENZELA uhulumeni kusho ukuthi uyisithunywa sabantu. Empeleni abantu basuke befuna ukwethembeka kwakho nobuqotho bakho futhi uphenduka ikhosomba lokuphephela kubona.
Kuyaziwa ukuthi kunezinhlelo zokuqeqesha abantu abasebenzela uhulumeni. Kunemithetho nezindlela zokuziphatha okumele bazilandele kodwa bakhona abakhetha ukweqa leyo miyalelo bagile imikhuba.
Imikhuba egilwa yiziphathimandla zikahulumeni yehlisa isithunzi sawo. Ukukhuluma okunendlakadla nomphakathi, nezenzo ezinyantisa igazi ezenziwa yizikhulu akuhambisani nemigomo kahulumeni.
Kuyacaca ukuthi baphuma eceleni futhi baphelelwe yinhlonipho nokuziphatha ngobuqotho nokusebenzela izwe labo ngothando. Lesi sihlava sikhona cishe emaqenjini amaningi ezepolitiki ajuba abantu kuhulumeni, bavele baphoxe benze izinto ezifikiselana ngamahloni.
Ukusebenzela uhulumeni akufanele kubonakale njengethuba lokuba yisikhulu nokunikeza umuntu amandla okwenza noma yini.
Kunabantu abahloniphekile kuhulumeni abagqigqa ezinkantolo ngezinsolo ezahlukene zokuba nogovane olobizayo abanye bakhonjwa ekubulaleni abantu.
Sekujwayelekile ukuthi isikhulu sikahulumeni sikhulume amahlazo kuchwaze inkundla kushawe izandla okwenza kubonakale sengathi kuyinto enhle. Abantu babonakala belahlekelwa yinhlonipho bengasenandaba nohulumeni yingenxa yendlela izikhulu eziziphatha ngayo.
Kufanele izikhulu zilalele onembeza zikhumbule ukuthi ukusebenzela uhulumeni kusho ukuthini. Amaqembu ezepolitiki kufanele athathe izinyathelo ezinqala kulabo abatholakala begwegwa bebe bejutshwe yiwona ezikhundleni.
Akufanele kujwayeleke ukuziphatha okubi ngoba nabanye abakhulayo bazokholwa ukuthi yiyona ndlela yokuziphatha kwabantu abakuhulumeni. Ukwenza okubi kugqiba okuhle okwenziwa ngabanye abakuhulumeni.
Related Topics: