IMOTO: KIA SPORTAGE
Inhlobo yesihlanu yeKia Sportage ifike eNingizimu Afrika ngoSepthemba wonyaka odlule izinga lenyuke kakhulu kwetsha.
ISportage igubha iminyaka engu-30 yethulwa njengoba yaqala ukudayisa kusuka ngo-1993.
Ngokujwayelekile izinkampani ziye zilinde iminyaka cishe emithathu ngaphambi kokwenza izinguquko kodwa kulokhu kwaKia abachithanga sikhathi bengeza ezokuphepha kuyona.
Bengeze i-Advanced Driver Safety Systems (Adas) ehlanganisa iLane Keep Assist, Lane Follow Assist and Forward Collision Avoidance Assist. Lokhu kusiza umshayeli ahlale emzileni, iyakwazi futhi nokulandela imoto ephambi kwayo ukungaphumi emzileni futhi iyasho uma izoshayisa ngaphambili iphinde ibhreke.
Lokhu ukuthola kusuka enhlotsheni “eshibhile” kuze kuyoshaya kweyokugcina phezulu.
Izinguquko zilandela ukwethulwa kwenjini kadizili ngoMeyi njengoba ngesikhathi ifika bekukhona ekaphethroli kuphela engu-1.6 litre.
AmaSportage akufaka emndenini i-LX ne-EX afika kuphela nale njini engu-1.6 litre. Inamandla angu-110kW ne-torque engu-320Nm. Ngishayele yona ngesikhathi yethulwa eKapa engingakusho wukuthi cishe yiyona ezoba yintandokazi. Isuka nje, uyayizwa ishintsha kahle u-gearbox oyi-7 speed dual-clutch.
Emgwaqweni isivinini isenyusa kahle yize ingagijimi njengoba kuyithatha imizuzwana engu-11.4 ukufika ku-100km/h kodwa amandla enele ukudlula ezinye izimoto nokuzihambela ngesivinini esamukelekile.
Yize bengasho ukuthi idla kanjani kudizili kodwa ungakulindela ukuhamba ibanga elingaphezu kuka-700km ethangini elingu-54 litres.
ISportage ibukeka kahle ngaphandle nangemibala yayo egqamile. Ngaphakathi izinga liphezulu nokuyingakho kwaKia bethi ngisho abafuna iBMW X1 kodwa benganawo amandla, ngeke balahlekelwe ngokuthenga yona.
Inesikhala sabagibeli abayisihlanu nebhuthi enkulu engu-591 litres. Ngaphambili i-netouchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo futhi ubona khona nengemuva uma upaka. Kuphinde kube ne-digital instrument cluster.
Intengo:
Kia Sportage 1.6 CRDi LX: R 637,995
Kia Sportage 1.6 CRDi EX: R 691,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line: R 713,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line Plus: R 741,995
Kia Sportage 1.6 CRDi GT-Line Plus: R 765,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line S: R 798,995
Ifika ne-warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.
Related Topics: