Kusuka kwesokunxele yiMeya yaseNelson Mandela Bay Mayor uGary van Niekerk; Inxusa laseGermany kuleli u Andreas Peschke; uNgqongqoshe u-Ebrahim Patel; isikhulu sakwaVolkswagen Group Africa uMartina Biene; uNdunankulu wase-Eastern Cape Premier uLubabalo Mabuyane noMqondisi wokukhiqiza kwaVolkswagen Group Africa Production u-Ulrich Schwabe.
I-VOLKSWAGEN Group Afrika izofaka uR4 billion efemini yayo eseKariega, eGqeberha, e-Eastern Cape, wokuyithuthukisa ngenhloso yokukhiqiza imoto entsha kusuka ngo-2027.
Ifemu yezimoto ikhiqiza iPolo, nePolo Vivo kanti kunemoto entsha eyiSUV encane osekunesikhashana kukhulunywa ngayo ukuthi kungenzeka ikhiqizwe khona.
Okuningi okuthinta iSUV kwenziwa eVolkswagen Brazil, futhi ithimba lakuleli lisebenzisana nelakuleliya zwe.
Ukuthuthukiswa kwefemu kuzoqala ngasekupheleni konyaka lapho izovalwa thaqa.
Isikhulu seVolkswagen Group Afrika, uMartina Biene, sithe lokhu kuwubufakazi bokuzibophezela kweVolkswagen Group, eNingizimu Afrika lapho isikhiqize khona izimoto iminyaka ecela kwewu-73.
Related Topics: