LIGWETSHWE odilikajele abathathu ibhungu lase-Eastern Cape elidlwengule abantu besifazane abayisithupha ngezinyanga ezintathu. U-Akhona Ntombana (23) ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseGrahamstown ngokudlwengula abesifazane abaneminyaka ephakathi kwewu-12 kuya kwewu-22.
Okhulumela amaphoyisa akulesiya sifundazwe, uCaptain Ursula Roelofse, uthe uNtombana waqala ukugila lo mkhuba ngoNovemba 2021 kwaze kwaba uJanuwari walo nyaka.
"Esigamekweni sokuqala ngoNovemba 21, abazala ababili babeyozikhulula ehlathini ngesikhathi umlisa ongaziwa ebahlasela maqede wababamba. Oyedwa waphumelela ukweqa kodwa umsolwa wambiza futhi wasabisa ngokubulala asembambile. Ngakho enye intombazane yabuyela emuva."
Uthe uNtombana wabe esethatha ingubo yokulala eyayiphethwe ngamantombazane wawamboza ngayo maqede wadlwengula intombazane yokuqala. Eseqedile ukuzitika ngocansi kweyokuqala, wathi uzama eyesibili kodwa wahluleka."
Amaphoyisa athe omunye wabadlwengulwa wakwazi ukubona ubuso besigilamkhuba ngaphambi kokuba sizisithe ngesigqoko esivala ubuso.
Kwesinye isigameko, intombazane eneminyaka ewu-16 yayilubangisa ekhaya ngesikhathi ihlangana nesigelekeqe, sayikhiphela ummese, sayihudulela ehlathini maqede sayidlwengula amahlandla amabili.
Lesi sigebengu sibuye sadlwengula owesifazane obeneminyaka engu-22 futhi enezinyanga ezintathu ekhulelwe.
"Wayebuyela esikoleni eGqili High ngesikhathi umsolwa emvimba maqede wamhudulela ehlathini. Emkhombe ngommese, wamphoqa ukuba akhumule, nebala wakhumula. Wabe esembuza ukuthi ngubani indoda yakhe maqede wamdlwengula."
NgoJanuwari, le nswelaboya yadlwengula intombazane eneminyaka engu-12 amahlandla amane eduze kukajantshi wesitimela. UNtombana waboshwa ngoJanuwari 27 emuva kokhonjwa ngomunye wabagilwa, ehlezi eduze kwesitobhu sebhasi.
Umgilwa wabe esebiza amaphoyisa amthatha, baya naye lapho kwakuhleli khona uNtombana.
Wakhonjwa wumgilwa maqede waboshwa. "Umsolwa wayegqoke isigqoko esiyi-beanie esiluhlaza okwesibhakabhaka esisitha ubuso sokuzakhela ngaphansi. Ummese watholakala kuye."
UKhomishana wamaphoyisa osabambile, uBrigadier Asogram Naidoo, ubuncome ubuchule bukaDetective Warrant Officer Sehlobo Mokhoseng.
"Ubulungiswa benzekile ukuqinisekisa ukuthi u-Akhona Ntombana uyobhadla ejele impilo yakhe yonke," kuphetha uNaidoo.
Related Topics: