IMIBONO yehlukene ngesabelomali sabahola impesheni esethulwe nguNgqongqoshe weziMali Isithombe: SIGCINIWE
KWEHLUKENE imibono ngesabelomali sabahola impesheni esethulwe nguNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ePhalamende eCape Town izolo.
UGodongwana wabele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, owengamele izimpesheni, uR66 billion.
Uphinde waba uR36 billion wokuholela oR350 besibonelelo sabantu abangasebenzi kuze kube wuMashi 31, 2024.
Impesheni yezaguga neyabantu abaphila nokukhubazeka isizoba wuR2090. Ikhushulwe ngo-R90 kusuka ngo-Ephreli 1. Izothayiselwa ngo-R10 kusuka ngo-Okthoba 1 nonyaka.
Eyesibonelelo sezingane ikhushulwe ngo-R30 isuka ku-R480 njengoba isizoba uR510 kusukela ngo-Okthoba 1.
Isibonelelo sezintandane sithayiselwe ngo-R60 sisuka kuR1 070 saya kuR1 130 kusuka ngo-Okthoba 1 nonyaka.
Ujabulise okwengane encane ebona amaswidi uNksz Simphiwe Msweli (73) waseNsungwini, KwaMaphumulo, ngokukhushulwa kwempesheni yezaguga.
UNksz Msweli uvele wabonga uJehovah, wathi izowenza umehluko emndenini wakhe le mali.
“Umthwalo wamakhaya uphethwe yithina zaguga, siyondla ngale mali esiyinikwa uhulumeni. Abadala yibona abathwele kanzima, le mali izowenza umehluko,” kusho uNksz Msweli.
UNksz Mbali Buthelezi waKwaMashu uthe nakuba incane imali ezothayiselwa kweyesibonelelo sezingane kodwa izowenza umehluko.
UNksz Buthelezi uthe ungumzali okhulisa izingane zakhe yedwa ngakho kumele acaze le mali enze izidingo zesikole, athenge ukudla nezimpahla zokugqoka izingane.
Inhlangano elwela amalungelo abantu abahola impesheni, iBlack Sash, ikushayele ihlombe ukukhushulwa kwempesheni yezaguga neyabantu abaphila nokukhubazeka kodwa yakhala ngeyesibonelelo sezingane nesabangasebenzi yathi utiki.
Imenenja yeBlack Sash KwaZulu-Natal, uNksz Evashnee Naidu, ithe ziphezulu izindleko zokuphila ngakho bebelindele imali ithi xaxa.
“Sizoqhubeka nezinhlelo lapho sinxenxa khona uhulumeni ukuthi akhuphule oR350 futhi enze baholwe ingunaphakade. Njengamanje bangu-7.8 million abahola le mali yize abantu befaka izicelo nsuku zaphuma,” kusho uNksz Naidu.
Related Topics: