Umkhankaso olwa nophuzo oludakayo
INHLANGANO elwa nophuzo oludayo, iTribe Sober, yethule umkhankaso ogqugquzela abantu ukuba bazithibe otshwaleni obizwa nge-#Sober66.
Lo mkhankaso ozoqala ngoMashi 20, kuhloswe ngawo ukubonisa abantu imiphumela emihle yokuqhela ophuzweni oludakayo.
Umsunguli weTribe Sober, uNkk Janet Gourand, uthi kubalulekile ukuthi abantu baziqhelise otshwaleni noma babe nobudlelwane obuhle nabo ukuze bahlale bephile kahle emzimbeni nasengqondweni.
Uveze ukuthi utshwala abuhlukumezi kuphela obuphuzayo kodwa buhlukumeza nalabo abasondelene nophuzayo.
Ubalule ukuthi ukuzithiba otshwaleni, okungenani izinsuku eziwu-66 kwenza umzimba uphile kahle, ingqondo nayo iyaphumula ekuphazanyisweni wutshwala.
Uthe abantu abakwaziyo ukuhlala izinsuku eziwu-66 bengabulokothi utshwala angasho ukuthi banobudlelwane obuhle nabo kodwa labo abangaziboni nhlobo bezithiba otshwaleni izinsuku eziwu-66, kufanele babubhekisise ubudlelwane babo notshwala.
Abafisa ukuba yingxenye ye-#Sober66 bangavakashela iTribe Sober kule website www.tribesober.comukuthola yonke imininingwane.
AbeTribe Sober bazobe bexhumana nabayingxenye yomkhankaso wokuzithiba otshwaleni nsuku zonke, bebathumela ama-video agqugquzelayo ngokudla okufanele, izindlela zokuzivocavoca, izinto ongazenza ezingakusiza ukuchitha isikhathi sakho ungekho nswanswa namanye amasu okuphila kangcono.