IYO lendlu eyakhiwe wuDkt Gadlabhubesi Mkhize, eyakhela umndeni wakwaNgwenya eMtshezi Isithombe:SITHUNYELWE
KUZOFINYWA ngendololwane futhi izithameli zizitike ngomculo onhlobonhlobo emcimbini wokwethulwa kwendlu eyakhelwe umndeni wakwaNgwenya, eTatane, e-Escourt ngeSonto, kusukela ngo-9 ekuseni.
Le ndumemezulu yomcimbi izobanjelwa ezinkundleni zemidlalo zasePhumalanga ku-ward 5, kuMasipala Inkosi Langalibalele. Lo muzi wakhiwe yinyanga eyaziwayo kule ndawo, uMnuz Vusumuzi Cyril "Dkt Gadlabhubesi" Mkhize, ngemali ethi iyikhiphe ephaketheni layo.
UMkhize uthe uzobe evula umuzi awakhele umndeni wakwaNgwenya bese ebonga amakholwa azobe ekhulekela ukhetho ukuba lube nokuthula nempumelelo. “Kuzohlatshwa inkomo ukuze abantu babambe umoya.” Uthe kuzobe kukhona amagidangoma, abaculi nabadansi. Isolezwe libikile ngosizi lwalo mndeni ompintshene endlini yodaka ehlale idilika ngezikhathi zasehlobo.
UGadlabhubesi uthe uthintekile kakhulu uma ebona indlela lomndeni uhlupheka ngayo. Uthe uqale ukwazi ngawo eseyikhansela lale ndawo kodwa wahluleka ukuthola usizo.
Isolezwe lazibonela elethele lo mndeni ukudla okuhlukahlukene ngenxa yokuthi ubuye ulale ungadlile njengoba kungasebenzi muntu.
Umnikazi walo muzi, uNksz Nomdakane Ngwenya (38) uthe akazi engambonga ngani uGadlabhubesi ngalolu sizo amnikeze lona ngoba ubengazi uzothathani, ahlanganise nani ukuze axoshe ikati eziko kwakhe.
Uthe usizi lwabo lwaqala ngesikhathi kubulawa ubaba wekhaya ngo2016.
"Kusukela lapho siqalile ukubhuqwabhuqwa yindlala njengoba bekungasekho muntu osebenzayo. Nami angikwazi ukufuna amatoho ngenxa yokuthi ngiwumuntu ohlala ngokugula.
Siphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni esiqondene nabantwana ababili." Uthe uhlala nezingane zabafana ezimbili, eneminyaka ewu-18 neneminyaka ewu-14 nentombazane eneminyaka ewu-15. "Bekuyasiphoqa ukuthi sisheshe sivuke sigeze ngoba lezi zingane zabafana zisuke zisalele njengoba silala endlini eyodwa." Uthe ubengakujabulela ukuthola indlu yomxhaso ukuze nabo baphile njengabanye abantu.