UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ushicilele umthetho owandisa izilimi
UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, useshicilele ulimi lwezandla ukuthi lube sohlwini lwezilimi ezisemthethweni kuleli. Lokhu kusho ukuthi izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika sezingu-12.
UMengameli esemahhovisi akhe ePitoli, e-Union Buildings, ugcine ethola izifundo ngalo lolu limu lokukhuluma ngezandla. Ufunde nokuthi, usho kanjani ngalolu limi ukuthi ‘uyamthanda umuntu’.
Ethula inkulumo kulo mcimbi uRamaphosa uthe zonke izilimi ziyalingana eNingizimu Afrika. Uveze ukuthi njengoba selusemthethweni ulimi lwezandla kusho ukuihi, iNingizimu Afrika ijoyina amazwe amathathu avele aseqalile ukwamukela lolu limi njengolusemthethweni.
“Akujwayelekile ukuthi kungabi nankinga uma exhumana nabanye abantu ngodaba oluthize kodwa uthi kumjabulisile ukuthi wonke umuntu ubevumelana naye ngalolu limi lwezandla ukuthi aluchibiyele njengolusemthethweni. Lokhu kwenza nawe ubone ukuthi ubalulekile. Sebezobamba iqhaza ezintweni eziningi, njengezemfundo nokunye,” kusho uRamaphosa.