South Africa, KwaZulu-Natal, Durban 09/09/2022: Mafoko Security personnel picketing outside R K KHan Hospital in Chartsworth. Photo: Khaya Ngwenya, ANA (Africa News Agency)
IPHINI lomxazululi wezinkinga zempesheni, uMnuz Naheem Essop, usezwakalise ukungenami kwakhe ngenkampani yonogada iMafoko Security Patrols.
U-Essop uveze ukuthi usethole izikhalo eziwu-1 000 konogada bale nkampani. Bebekhala ngokuthi badonselwa imali yempesheni kodwa uma sebexoshiwe bezama ukufaka isicelo sokukhokhelwa impesheni yabo, batshelwa ukuthi inkampani ibingayifaki esikhwameni imali.
Kusukela ngo-2022, u-Essop ubelokhu ethola izikhalo kanti uthi labo nogada bebeqashwa babe yitoho.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka Isolezwe like labika ngeMafoko Security Patrols ebiqaphe isibhedlela iRK Khan, eChatsworth, eThekwini. Yagcina iphuciwe inkontileka yokuqapha isibhedlela emuva kokuthi ingabakhokhelanga onogada.
Namanje labo nogada abakaze bayithole imali ababeyisebenzele, abaningi bagcina sebencengelwa wumholi we-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, ukuba baqashwe yinkampani eyathola umsebenzi wokuqapha eRK Khan.
U-Essop uveze ukuthi onogada beMafoko bakhale ehhovisi lakhe emuva kokuthi isikhwama sempesheni yonogada, esibizwa nge-Private Security Sector Provident Fund (PSSPF), sibatshele ukuthi ayikho imali yabo kuso.
Uthe uphenyo lwakhe luveze ukuthi iMafoko ike yabhalisa nesikhwama sezimpesheni i-Alexander Forbes Retirement Fund kodwa yaxoshwa ngoMashi ka-2021, ngenxa yokungafaki imali yabasebenzi kulesi sikhwama.
“Kuyicala ukuthi umqashi adonse imali yomsebenzi kodwa angayidluliseli esikhwameni sempesheni. Lokhu kuwukuphula iPension Funds Act. IMafoko ayiphenduli uma siyithumelela imibuzo. Ijaha ukusifaka enkantolo uma sesiyinika isigwebo,” kusho u-Essop.
Ukhale ngokuthi iMafoko inayo imali yabameli futhi izimisele ukuqeda imali yehhovisi lakhe njengoba ingakhathali wukuya enkantolo.
“Ukuya enkantolo akubasizi onogada abasuke bedinga imali yabo kodwa lokhu kucebisa abameli. Kulo nyaka sesithole izincwadi ezisibizela enkantolo eziwu-23. Ngicelile ukuthi sibonane nabameli beMafoko kodwa abazange baphendule. Siyalwa enkantolo, siyazithumela nezimpendulo ezichaza ngesimo sabantu abalinde impesheni yabo,” kusho u-Essop.
Ukugcizelele ukuthi ngeke bayeke ukulwela abantu, wathi kunabameli abazobasiza mahhala ukuze kutholakale isisombululo kulolu daba lweMafoko.
Isolezwe lizamile ukubathinta abenkampani iMafoko Security ukuba baziphendulele kodwa imizamo yephephandaba kayiphumelelanga.
Related Topics: