Kulahleka uR98 million ngamakhonteyna aduve emikhunjini Isithombe esigciniwe: Jacques Naude
INHLANGANO ebhekele ukuhamba kwempahla eNingizimu Afrika, ithe isinyokotho samakhonteyna silahlekisela iNingizimu Afrika ngo-R98 million ngosuku.
NgoLwesithathu, iSouth African Association of Freight Forwarders (SAAFF), iveze ukuthi iwu-96 imikhumbi elinde ukuyokwehlisa impahla emachwebeni aseNingizimu Afrika.
Ithe lokhu kusho ukuthi ihleli nempahla kaR7 billion okufanele engabe isezitolo nasezimbonini ezehlukene kuleli.
Isikhulu esiphezulu se-SAAFF, uDkt Jaunita Maree, sithe osomabhizinisi balahlekelwa kakhulu ngenxa yokuduva kwempahla.
Uthe phezu kokuthi umnotho ulahlekelwa wuR98 million ngosuku, ukuletha impahla kuleli kudla uR1 billion ngosuku ngenxa yezindleko zokuhambisa impahla ngomkhumbi ukuze ingene emachwebeni.
Uthe lesi simo sisho ukuthi izindleko zosomabhizinisi zizonyuka ngo-10% kuya phezulu ngoba njalo ngosuku uma impahla isemkhumbini kusho ukwanda kwezindleko.
Uveze ukuthi imali elahlekela abalindele izimpahla ingafinyelela kuR165 million ngosuku ngoba bese beyihlelele ukuthi bazoyidayisa noma bazoyisebenzisa ezimbonini zabo.
Uphakamise ukuthi lusukunyelwe ngokushesha udaba lokuduva kwempahla emikhunjini ngoba uma imikhumbi ilinda isikhathi eside kusho ukuthi izogcina ingasezi kuleli.
“Imikhumbi isebenza njengamabhasi, inesikhathi sokuma echwebeni elithile njengoba nebhasi ima esitobhini ngesikhathi esithile. Ayihambeli lapho ilindiswa khona isikhathi eside. Kuyimanje sesibone eminye imikhumbi incamela ukuyokwehlisa impahla echwebeni iPort Louis eMauritius ngoba ayilindiswa khona. Lokhu kuzoba nomthelela omubi emnothweni wezwe nakosomabhizinisi abancane,” kusho uDkt Maree.
Ukhale ngokuthi iTransnet ibibukelwa nje ingatshelwa ukuthi ayilungise imishini nenye ingqalasizinda eyenza kube lula ukudiliza impahla emkhunjini.
Uthe kubi lokhu ngoba izicucu zemishini yakwaTransnet zilandwa kwamanye amazwe futhi uma ifile kuthatha izinyanga eziyisithupha kuya kweziwu-24 ukuthi zifike kuleli.
Uthe kufanele iTransnet isebenzisane nosomabhizinisi ukuze ilungise indlela yokusebenza.
Uma kwenzeka lokhu, uDkt Maree, uthe iTransnet izokwazi ukusebenza ngendlela efanele namachweba akwazi ukwamukela imikhumbi ngesikhathi esifanele.
Ugqugquzele ozakwabo nezinye izinhlaka ezithintekayo, kusukela kuhulumeni nezimboni ezehlukene ukuba kusetshenziswane, ukuze iTransnet ingawi.
Uthe asikho isidingo sokuthi amakhonteyna angaphezu kuka-70 000 aduve emikhunjini ekubeni iNingizimu Afrika inamachweba asezingeni eliphezulu.
“Ukuhambisa impahla ngumsebenzi wabo bonke abantu. Kufanele sisebenzisane ukuze izinto zibuyele esimeni. Asenze isiqiniseko sokuthi izinhlelo zethu zicacisa kahle ukuthi impahla isuka kanjani emkhunjini, ize iyofika embonini. Kufanele kusebenze amaguzu namaloli ngendlela ehlelekile. Asikhumbule ukuthi sonke siyawadinga amachweba ngakho kukuthina sonke ukuthi sithole isisombululo,” kusho uDkt Maree.
Related Topics: