INDLE phakathi endaweni yokubhukuda eVirgin Active eMoses Mabhida Isithombe: Sithunyelwe
BABHODLA umlilo abantu abazivocavoca eVirgin Active, eMoses Mabhida, eThekwini, kulandela ukubonakala kwendle endaweni yokubhukuda.
Ngokuthola kweSolezwe, umuntu obone lesi simanga, umuntu ozivocavoca kule ndawo, abaphethe bethule bengayithi vu.
NgeSonto eledlule, amanye amalungu athathe isinqumo sokuthumela abameli bawo ukuthi bathumele incwadi ephuthumayo kubaphathi bendawo yokuzivocavoca.
Kule ncwadi, Isolezwe eliyibonile ikhophi yayo, amalungu abuza iziphathimandla ukuthi ukube ilungu elithile belingathwebulanga izithombe, lazifaka kwi-Whatsapp Group yasejimini, bekuzokwaziwa nini ukuthi kunalesi simo endaweni yokubhukuda?
“Ngokubuka ubuningi bendle, singasho singananazi ukuthi amanzi angcolile. Nakanjani, lesi sigameko sizoba nomthelela wezempilo ongemuhle kumuntu ozithole ebhukuda kula manzi,” kusho incwadi.
Iqhube yathi, kungani amalungu engaziswanga ukuze ezoyigwema indawo yokubhukuda isikhashana.
Ibuye yathi njengamalungu endawo yokuzivocavoca, bazokwazi ngani ukuthi ngokuzayo, into efana nale ngeke iphinde ifihlwe njengoba kwenzekile kulokhu?
“Abantu bazophathwa yizifo zamehlo, izindlebe, amakhala, umphimbo, ukuphefumula nokukhishwa yizisu, bengazi ukuthi imbangela kube ukusebenzisa indawo yokubhukuda enendle,” kusho incwadi.
Oyinhloko yophiko olubhekelela amakhasimende, uNksz Jacqui Walter, uthe iVirgin Active ihlale iqinisekisa ukuthi ezempilo nezokuphepha ziseqopheleni eliphezulu.
“Imenenja ebisebenza iyilandele imigudu efanele ngeSonto ebusuku. Sesiphenyile sathola ukuthi ilungu elithintekayo linokugula okuthile kanti izinyathelo ezifanele ukulungisa lolu daba sezithathiwe,” kusho uWalter.
Uthe ngaphezu kwalokho, kukhona umyalezo othunyelwe kuwo wonke amalungu ngeWhatsapp group ngo-5:30 ngoMsombuluko ekuseni.
Uphinde wathi babuye bathumela amaSMS, abesho ukuthi indawo yokubhukuda ivaliwe futhi isazohlolwa iphinde ikhucululwe ngaphambi kokuthi ivulwe.
“Uma kwenzekile kwakhona ukungcoliswa kwendawo yokubhukuda ngendle, siye sisheshe siyivale, siyisuse indle, sihlole amazinga e-chlorine ne-pH kuyima siyivula uma konke sekubuyele esimweni esifanele,” usho kanje.
Related Topics: