INHLANGANO esiza abanenkinga yokugembula kuleli, iGamblers Anonymous SA, ithi ukugembula kuyinkinga ezweni jikelele ngenxa yokuthi abantu basuke becabanga ukuthi kuzobalethela imali esheshayo.
Ukwesweleka kwemisebenzi nokubiza kwempilo kuthiwa yikona okuholela iningi ekugembuleni njengoba lisuke lizama imali yokuphila.
Isolezwe libhalele le nhlangano emuva kokuthi abafundi baleli phephandaba besilisa beveze ukuthi amakhosikazi abo agembula kumaselula.
Omunye umfundi uveze ukuthi akasayiniki imali inkosikazi yakhe, ngisho nekhadi lokuhola isibonelelo sezingane seliphathwa wuyena ngoba ithenga amavawusha okugembula.
“Unkosikazi wami ubewumuntu olithandayo ikhaya, okwaziyo ukwenza igilosa esilonda inyanga yonke.
“Ubekwazi nokuthengela izingane izimpahla zokugqoka ngesibonelelo sazo sikahulumeni. Muva nje uthenga amavawusha okugembula, ahlale kwiselula yakhe ilanga lonke njengoba engasebenzi.
“Uma ngibuza ukuthi kungani ukudla kuphela inyanga isephansi, uvele akhale ngokuthi igilosa iyabiza,” kuchaza indoda.
Ithe iye yenza uphenyo lwayo njengoba inqume ukuzenzela igilosa ngemali ebiyinika umkayo, yathola ukuthi yize ukudla kubiza kodwa imali isakwazi ukwenza igilosa ehlala inyanga yonke.
Emuva kokuphucwa imali yegilosa kuthiwa lo wesifazane ebesebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni ukuthenga amavawusha okugembula.
“Ngiye ngamhlalisa phansi ngambuza ukuthi imali uyenzani? Ungitshele ukuthi uthenga amavawusha kaR50 okugembula kwiselula yakhe.
Ungibonisile imidlalo ekhona, eminye eyezinombolo ezihamba ngokushesha njengalezi zemishini yase-casino kanti kunebhanoyi elindizayo okuthiwa lenza imali.
Okunye kunamagqamuza alokhu enza imali uma umuntu ewashaya ngephethini ethize. Yena ubengaboni ukuthi lento iyamlimaza ngoba uhlezi esethembeni lokuthi uzowina izigidi zamaradi kodwa lokhu akwenzeki,” kusho indoda.
Isolezwe lithole ukuthi abesifazane bagembula kumaselula kakhulu, kanti amadoda avamise ukuhambela izindawo zokubheja ezahlukene futhi sekukhona izinkundla zokucijana ngokugembula ezikhokhelwayo ku-whatsapp nakwezinye izinkundla zokuxhumana.
Indlela ukugembula okuyinkinga ngakhona imantshi yenkantolo yaseGqeberha isanda kugweba umgcini mabhuku iminyaka ewu-18 ebhadla ejele emuva kokuthi egembule uR14 million wenkampani abeyisebenzela.
Akukona nje ukugembula kumaselula nasezindaweni zokubheja okuheha abantu, kodwa nasezinxanxatheleni zezitolo sekukhona indawo yokugembula ebizwa ngeBingo ekhonzwe kakhulu ngabadala.
Kuthiwa bashaya sengathi bayokwenza igilosa kanti sebeyogembula kwiBingo.
IGamblers Anonymous SA, ithe abantu balahlekelwa yimali kakhulu ekugembuleni ngenxa yokuthi uma sebebhejile badliwa, babuye bafake enye imali ngethemba lokubuyisa leyo abadliwe yona.
Iveze ukuthi izikhangiso zokugembula emazikweni ahlukene ezindaba okubalwa imisakazo, ithelevishini, amaphephandaba, amabillboards nasezinkundleni zokuxhumana, yizona eziheha abantu ukuba bagembule.
Igqugquzele abanenkinga yokugembula noma abanabantu abagembulayo emindenini yabo ukushesha bathinte iGamblers Anonymous SA.
“Sinemihlangano ezindaweni ezahlukene. Siyakwazi nokweluleka abadinga ukuyeka ukugembula. ”angaluthola usizo nakwiNational Responsible Gambling, sibagqugquzela ukuthi bavale ama-akhawunti abo okubheja, banikeze nabantu ababathembayo izimali zabo, ukuze bangalingeki baze bagcine sebegembula,” kusho iGamblers Anonymous SA.
Abafuna usizo bangavakashela iwebsite yegamblers anonymous ethi https://gamblersanonymous.org.za/
Bathe usizo luyatholakala kuzo zonke izifundazwe zakuleli kanti imihlangano iyenziwa ngisho nange-zoom. Usizo olunikwa abantu lumahhala, ayikho imali abakhokhiswa yona.
Related Topics: