UMFANEKISO womjolo kathisha nomfundi wakhe Isithombe:UGCINIWE
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal ukwamukele ukukhonjwa indlela kukathisha waseGroutville Secondary, KwaDukuza emuva kokulahlwa yicala lokufuna izithombe zezitho zangasese zomfundi nokumthumelela umphambili wakhe.
UMnuz Musa E Mnkwanyana (39) uxoshwe ekufundiseni wuMkhandlu woThisha eNingizimu Afrika (SACE).
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bahlale bebakhuza othisha ukuba bahlukane nemikhuba engasile kubafundi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uMnkwanyana walahlwa yicala wumkhandlu wezabasebenzi abasemkhakheni wezemfundo (ELRC) ngoMeyi 8.
UMnkwanyana ubemangalelwe kulo mkhandlu wumqashi wakhe, okunguMnyango wezeMfundo eKZN. Leli cala lalihlelelwe ukunkankanywa ngo-Okthoba 19, ngo-2023, Febhuwari 26, 2023 nangoMashi 26 kulo nyaka.
Ngokusho kwesinqumo somkhandlu (ELRC), leli cala lenzeka ngo-2022 ngesikhathi uMnkwanyana efuna izithombe zezitho zangasese zomfundi ayemfundisa isiNgisi kuGrade 11 (ongagagulwangwa ngenxa yokuthi usemncane) futhi wabuye wamkhombisa umphambili wakhe.
Yize uMnkwanyana abephika elala ngomhlane ukuthi wawenza lamanyala kodwa kwakhona ubufakazi obulethwayo futhi kwafakaza ngisho noyise womfundi.
Siqhuba isinqumo sithe ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, uMnkwanyana wabhala isitatimende ezivumela ukuthi ulenzile ichilo enganeni.
"Ngakhuluma nengane ngendlela engafanele umsebenzi engiwenzayo futhi ngayicela ukuba ingithumelele izithombe ezigcolile.
“Ngenxa yamahloni ngazicisha izithombe efonini yami. Abazali beza esikoleni futhi angikuphikanga ababekusho ngalolu daba," kusho uthisha.
Eqhuba uMnkwanyana wathi uyazisola futhi uyaxolisa ngesenzo sakhe, uqhubeke kanje:.
"Ngakhuluma nobaba futhi ngaxolisa kakhulu. Ngiyafunga ukuthi angikaze ngiyithinte ingane. Ngiyasemukela isono engasenza enganeni nasemndenini.
“Ngingenza nanoma yini ukulungisa isiphambeko sami nokulekelela ingane nomndeni ekubhekaneni nalesi simo. Ngiyaxolisa kakhulu futhi ngiyafisa ukunikezwa ithuba lokulungisa iziphambeko zami."
Umfundi wathi waqala ukuxhumana noMnkwanyana ngoWhatsApp ngaphandle kwesikole isikhashana kwaze kwaba lolu daba lwaziwa ngu-anti wakhe.
Uvumile umfundi ukuthi wamtshela uMnkwanyana ukuthi uyamthanda ngaphambi kokuba baqale ukukhuluma ngemikhuba yocansi.
Uthe uthisha wamcela izitho zangasese, naye wamthumelela futhi wazijabulela uthisha.
Eqhuba uthe naye wamcela uthisha izithombe ezingcolile kodwa uthisha wenqaba, wathi ufuna azibonele ngqo umphambili wakhe.
Umehluleli omkhulu eMkhwandlwini wezeMfundo veKZN, uRaj Shanker, ubuchithile ubufakazi bukaMnkwanyana wabe esemlahla ngecala nokuthi axoshwe ngokushesha wuMnyango wezeMfundo ngoba akakufanele ukusebenza nezingane ngokomthetho wesigaba 120 weChildren's Act.
Ubuye wathi kuzokwaziswa noMqondisi-Jikelele ukuba afake igama likaMnkwanyana kwawabantu abakhohlakele.
.
Related Topics: