Itekisi yamaphoyisa kaMasipala waseGoli ‘obekujuxuzwa’ ngayo
ANIKEZWE izincwadi eziwamisa emsebenzini amaphoyisa kaMasipala waseGoli, kwaqalwa uphenyo emva kokusabalala kwevidiyo ewaveza ezigqokele izimpahla zawo esephathini ngekhumbi yombutho.
Lawa maphoyisa, iningi lawo okungabantu besifazane, abonakala egqoke izimpahla zawo ezigqize ngemibala emhlophe, ezipholele edamini kudlala umculo opholile awudanselayo futhi awuculayo.
Kukhona ahlezi ngaphakathi emotweni yomsebenzi evulwe gengelezi cishe zonke izicabha zalo. Ngaphandle bebeke ama-cooler box, bahlezi kuma-camp chair abanye baphethe izingilazi ezinokuthile phakathi abalokhe bekuqhabula.
Emuva kokuzungeza ezinkundleni zokuxhumana kwevidiyo, obhekele uphiko lezokuphepha komphakathi eGoli, uDkt Mgcini Tshwaku usethathe izinyathelo eziphuthumayo.
“Okuvela kuvidiyo kudala ukukhathazeka okukhulu mayelana nokuxhashazwa kwezinsiza kusebenza zikahulumeni okuzokwenza umphakathi uphelelwe yithemba kuthina. Yinto esingeke siyibekezelele lena,” kusho uTshwaku.
UTshwaku ujube umphathi wamaphoyisa obambile, uMnuz Patrick Jaca, nenhloko yomnyango uVicky Manyathi, ukuba baqale uphenyo.
Uveze ukuthi asenikeziwe izincwadi eziwamisa emsebenzini amaphoyisa abonakala kule vidiyo.
“Umbutho wamaphoyisa uzobe usuqala uphenyo lwangaphakathi oluzimele futhi oluvulelekile ukuze labo abathintekayo bezobhekana namacala ababekwe wona,” kusho uTshwako.
Uzishaye isifuba wathi bawuhulumeni ophethe ngobuqotho, ngakho ngeke bazibekezelele izenzo zedlanzana ukuthi zidicilele phansi isithunzi sombutho wamaphoyisa kamasipala nokuthembeka akuthola emphakathini.
Uthe okuvezwa yividiyo akukhona nje ukuphulwa komthetho kuphela kodwa kuphinde kudicilele phansi nezimiso abasebenza ngaphansi kwazo.
“Uhulumeni ophethe uzimisele ukulwa nalo lonke uhlobo lokuphulwa kwemigomo yokuziphatha futhi uvikele isithunzi sezinhlaka zezokuphepha zethu. Sizoqinisekisa ukuthi buyenziwa ubulungiswa futhi kuthathwa izinyathelo ezizokwenza singaphinde senzeke isigameko esifuze lesi,” kusho uTshwaki.
Ukugcizelele ukuthi ngeke bakubekezelele ukungaziphathi kahle emaphoyiseni abo, ngakho bazojeziswa abayotholakala benamacala.
Related Topics: