Isibhamu esitholakale emotweni yabasolwa Isithombe: Saps
Amaphoyisa athele othulini abasolwa abayisishiyagalombili abathinteka ekubanjweni inkunzi imoto ethwala imali eMzingazi, eRichards Bay, kuleli sonto.
Abasolwa bangqubuzane namaphoyisa besendleleni okukholakala ukuthi ibibheke eSikhaleni ukuyobamba inkunzi isitolo sowokufika ngoLwesine ebusuku.
Amaphoyisa athole ulwazi ngabasolwa nangemoto abakuyo nayibone ihamba emgwaqeni uJohn Ross Highway obheke eRichards Bay. Ayimisile ayalalela umshayeli ukuthi ame.
“Umshayeli uzibe umyalelo wamaphoyisa wanyusa isivinini. Amaphoyisa abajahile ngemoto nokuyilapho abasolwa baqale khona badubula bebhekise ngasemaphoyiseni,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda.
Uthe abasolwa batholakale nezibhamu ezintathu, ezimbili ezingamathoyizi namathuluzi okugqekeza endlini.
UNetshiunda uthe baphenya ukuthi izibhamu azithinteki yini kwamanye amacala.
Related Topics: