02052015 DURBAN 060707: Amakhosi meeting15: King Goodwill Zwelithini during the traditional leaders meeting in Nongoma on Thursday 5 July. Pic : Mandla Mkhize
UMCIMBI wokukhumbula iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ungase uhlanganise imihlambi eyalanayo.
ONdlunkulu bakaMdlokombane baveze ukuthi bonke abaNtwana abazalwa iSilo esakhothama ngo-2021 bamukelekile emcimbini wanamhlanje.
Umcimbi wokukhumbula uMdlokombane uzokuba sesigodlweni, oSuthu, lapho uSolwazi Zanele Buthelezi waseNyuvesi yaseZululand, ezokwethula isifundo ngempilo yeNgonyama eyahlala isikhathi eside esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
AbaNtwana bakaMdlokombane bayinhlakanhlaka ngenxa yombango wesihlalo sobukhosi owaqala ngo-2021.
AbaNtwana bakaMdlokombane ababili basembangweni wesihlalo sobukhosi, baphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Abasembangweni wesihlalo sobukhosi uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, noMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
Kusukela kwakhothama uMdlokombane abantwana bakhe abakaze bahlanganyele ndawonye uma kunemicimbi yokumkhumbula.
Esitatimendeni, ondlunkulu bathe umcimbi wanamhlanje awuhlangene nombango wesihlalo sobukhosi.
“Sifisa ukukubalula futhi ukuthi zonke izigodlo, zonke izingane zeNgonyama zazisiwe ngalo mbono nangalolu suku. Sithi asikucacise Zulu omuhle kakhulu ukuthi lolu suku olwawo wonke umuntu, aluhlanganise lutho nomkhuhlane ohlasele indlunkulu, ngoba uMdlokombane uwuphawu lobunye, inhlonipho nokwazisana.”
Bayisihlanu ondlunkulu bakaMdlokombane abasadla anhlamvana, okuwundlunkulu wakwaKhethomthandayo, uSibongile Winnifred Dlamini Zulu, undlunkulu wakwaDlamahlahla, uBuhle Mathe Zulu, undlunkulu wakwaLinduzulu, uThandekile Jane Ndlovu Zulu, undlunkulu waseNyokeni, uNompumelelo Mchiza Zulu, nondlunkulu wasoNdini, uZola Zelusiwe Mafu Zulu.
Ondlunkulu bathe inhloso yomcimbi wanamhlanje ukukhumbula impilo kaMdlokombane.
“Usuku lukaMdlokombane, okungumyeni wethu neNgonyama kaZulu, lwaba umbono wethu njengondlunkulu bakhe ukuthi kube khona esikuqophayo okuzoba umlando nesikhumbuzo. Konke lokhu sikususela ekufiseni ukuthi umlando weNgonyama ungashabalali, ikakhululazi iNgonyama ibuse iminyaka eminingi, yabona nezinguquko ezilethwe yizinkathi ezehlukene ephile ngazo. Ngakho ke sikhumbula bonke ubuhle asifundise bona, nempilo enhle ayiphile phambi kukaZulu nendlunkulu.”
Ondlunkulu bathe umcimbi uzokwenziwa minyaka yonke, bathi akuzukugcina nje ngokukhulunywa ngoMdlokombane uma kuwulolu suku.
“Sikubekile ukuthi lolu suku njengoba luqanjwa ngeNgonyama luzothinta wonke umlando kaZulu, okungaba izingonyama ezindala, izindlovukazi, amaqhawe ezibongo ezahlukahlukene abumba lesi sizwe esikhulu kangaka. Konke lokho kuzokwenziwa kuhlanganiswa nosuku lweNgonyama uMdlokombane.”
Related Topics: