Abammangalelwa ecaleni lokubulawa uSenzo Meyiwa Isithombe: Oupa Mokoena
UMMELI kammangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa uthe ikhasimende lakhe alimazi uConstable Sizwe Zungu.
Lokhu kushowo u-Advocate Zithulele Nxumalo ngoLwesine ngesikhathi eqhubeka nokuphosa imibuzo ufakazi woMbuso ongaphambi kwenkantolo uBrigadier Bongani Gininda.
UNxumalo uthe ikhasimende lakhe, uMthokoziseni Maphisa, limtshele ukuthi uZungu liqale ukumanzi ngoSepthemba 27, 2023, ngesikhathi limbona ezokwethula ubufakazi ngecala enkantolo.
UGininda uthe ngokwazi kwakhe lokho akulona iqiniso.
“Ngisho ngenxa yezitatimende zabantu abafana noMakhosonke Buthelezi noSifiso Zungu, uGwabini. Bona bakhuluma okwehlukile kunalokho akutshela khona,” kusho uGininda.
UNxumalo uthe lokhu kufakazelwa nangezinye izithombe ezingamazibithi enkantolo.
“UZungu wathi uma enikwa isithombe esasinoMaphisa emi eduze kwemoto, kuthiwa akasho ukuthi ubani owayekuleso sithombe, wathi uNtanzi (uBongani, ongummangalelwa wesibili), ekubeni kwakunguMaphisa,” kusho uNxumalo.
UGininda uphendule ngelithi wayengekho yena ngaleso sikhathi uZungu ephambanisa abamangalelwa esithombeni ngakho akazi ukuthi angayilekelela kanjani inkantolo embuzweni kaNxumalo.
UNxumalo uqhube wathi uMaphisa, munye umuntu ayemazi ngaphambi kwesigameko sokubulawa kukaMeyiwa, ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya.
“Lokho akulona iqiniso. Ummangalelwa wesibili, umthola ebalula ummangalelwa wesibili ngesikhathi egonyuluka. Uyasho ukuthi babendawonye eNasuthu hostel ngaphambi kwesigameko, beyokwenza isigameko, nangemumva kwaso,” kusho uGininda.
Uqhube wathi kobunye ubufakazi, bolibofuzo, yize noma bagcina bungaphelelanga, kodwa kukhona ama-regions amane akhe uMaphisa atholakala endaweni yesigameko, okusho ukuthi babendawonye.
UNtanzi ubevele anikine ikhanda bese ehleka kancane uma kubalulwa ukuthi uye owafaka igama likaMaphisa ngesikhathi egonyuluka.
Icala liyaqhubeka namuhla.
Related Topics: