Kelly Khumalo
UMPHENYI omkhulu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa uphinde wagcizelela ukuthi bukhona ubufakazi bokuthi uKelly Khumalo ungungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo.
UGininda ubephekwa ngemibuzo ngummeli womsolwa wesihlanu kuleli cala, u-Advocate Zandile Mshololo, omele uFisokuhle Ntuli.
UMshololo ulandela uzakwabo, u-Advocate Zithulele Nxumalo, omele umsolwa wesine
Ekhuluma eNkantolo eNkulu yasePitoli, izolo, uMshololo uthe uNtuli uzokuphika ukuthi waba wumbimbi nasolwa naye ngesikhathi kuhlelwa ukubulawa kwalo nozinti ehostela laseBasuthu, ngo-Okthoba 26, 2014 njengoba kubikiwe enkantolo.
UGininda ukugcizelele ukuthi bukhona ubufakazi obuthi uNtuli wahlangana nozakwabo bayobulala uMeyiwa maqede babuyela ehostela. Uthe okufakazela lokho amazibithi uHH noJJ.
"Okunye okutholakalayo kuJJ, izinsolo ezithi ungqondongqondo wakho konke lokhu nguNksz Kelly Khumalo. Okunye okusekela lokhu, ingxoxo eyatholwa ngungoti wamaselula ngezingcingo ezenziwa eziyamanisa umsolwa wesihlanu noNksz Kelly Khumalo,“ usho kanje.
UGininda uthe abasolwa babaleka ngemoto iVW Polo, kodwa uMshololo wathi uNtuli akakaze washayela imoto yalolu hlobo.
Related Topics: