Advocate Zandile Mshololo
ABAMELI bazombiza bona ufakazi ozoveza ukuthi owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, wadutshulwa ngephutha, uma uMbuso uphetha ngokungambizi.
Lokhu kuvezwe ummeli kammangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, u-Advocate Zandile Mshololo, izolo, ngesikhathi eqhubeka nokuphonsa ngemibuzo ufakazi, uBrigadier Bongani Gininda.
UGininda osedonsile esitikini sofakazi, ungumphenyi omkhulu kuleli cala.
U-Adv Mshololo udalule ukuthi ufakazi abazombiza uMnuz Mlungisi Hlophe, ongumkhweyana wakwaMeyiwa.
Uveze ukuthi kukhona isitatimende esabhalwa nguHlophe ngo-Ephreli 7, 2015, uGininda engakaqokwa ukuthi aphenye icala.
“Wasibona lesi sitatimende edokodweni owawuliphethe?” kusho u-Adv Mshololo.
“Yebo, ngasithola isitatimende. Kanti kukhona nesinye okuthiwa salahleka. Kuthiwa sanyamalala, kwasolwa mina ngokuthi ngasithatha,” kusho uGininda.
Esitatimendeni, uHlophe uveza ukuthi washayelwa ucingo nguMnuz Tumelo Madlala, owayengumngani kaMeyiwa, emva kwesigameko.
Siqhuba sithi wayefuna ukuthi kwenzekeni ngosuku lwesigameko, ngoba kwakukhulunywa izinto ezingafani ngokubulawa kukaMeywa.
“UTumelo wangitshela ukuthi uZandi wayexabana nesoka lakhe, uSenzo ezama ukubahlukanisa, kwaqhuma isibhamu, kwadubuleka uSenzo ngephutha,” kusho isitatimende.
Siqhubeka sithi, uHlophe wamangala ukuthi uTumelo asho kanje ngoba kwabezindaba wayethi kwaba nesigameko sokubanjwa kwenkunzi.
Echaza, uGininda uthe ithimba labaphenyi layilandela indaba yalesi sitatimende ngo-2015, kodwa langakuthola okuphathekayo.
“Ngo-2016, siyithimba lamaphoyisa ayisishiyagalolunye, sanikela kwaMeyiwa, siyothola kabanzi ngendaba yalesi sitatimende. Umndeni wakhala ngokuthi awazi ukuthi yini enzima ekusombululeni leli cala ngoba bukhona ubufakazi bokuthi akuzange kungene zigebengu endlini,” kubeka uGininda.
Uthe kwaba nzima ukukhuluma noHlophe ngqo, enqaba ukukhuluma naye, kodwa wagcina ekhuluma nathi, wakuqinisekisa lokhu.
“Kodwa sathi uma sesiya kuMadlala, waphika, wathi akakaze akusho lokhu kuHlophe,” kuphendula uGininda.
Kuvele ukuthi kulesi sitatimende, kukhona inqwaba yemali engene ebhange likaMadlala, kanti basola ukuthi uthengwe ngemali ngumuntu othile owayebandakanyeka ekudutshulweni kukaMeyiwa.
UGininda uthe ngebhadi, yize uHlophe ekhomba ababesendlini kodwa ubufakazi ababuthola bona ngesikhathi bephenya, bukhoba ukuthi kukhona abangena endlini.
Icala liyaqhubeka namuhla.
Related Topics: