Ikhwelo lokujabula uzibheke ngamaholidi isithombe: Armand Hough / Independent Newspapers
KUHLATSHWE ikhwelo ebantwini bakuleli lokuthi babeke eqhulwini ezokuphepha njengoba kuqala amaholidi okuphela konyaka.
Lokhu kuvezwe yibamba lokhulumela uhulumeni, uNksz Nomonde Mnukwa.
UNksz Mnukwa uthe abantu kumele babeke eqhulwini ezokuphepha emigwaqweni nasezindaweni zomphakathi.
Uthe abaphephe nasemicimbini ehlukene abazobe beyihambele.
“Ngalesi sikhathi abanye bajabula kuze kweqe. Abanye bahambela izindawo ezehlukene, abanye benze imicimbi yingakho uhulumeni ebacela ukuthi babhiyoze bazibheke.”
Ukhumbuze abashayeli ukuthi abalandele imithetho yomgwaqo.
“Abashayeli kumele bangashayeli budedengu, bangaphuzi bashayele noma basebenzise izidakamizwa. Abangagijimi noma basebenzise omakhalekhukhwini emigwaqweni,” kusho uNksz Mnukwa.
Unxuse abazali ukuthi baqikelele ngaso sonke isikhathi ukuthi izingane zabo ziphephile.
“Izingane kumele zibhekwe ngaso sonke isikhathi ukuthi zikuphi. Azivikelwe ezintweni ezehlukene.”
Uthe uma kuhanjwa nezingane ezimotweni kumele zifake amabhande.
“Ezindaweni zomphakathi kumele ziqashwe ngelokhozi ukuze zingaduki, noma zehlelwe umshophi wokuthi zilimale.”
Kuxwayiswe nangalabo abazothola intuba yokuqola abantu.
“Kukhona abazobona ithuba njengoba kungamaholidi bazame ukuqola abanganakile. Akubikwe izehlakalo zobugebengu kwabezomthetho.”
Uveze ukuthi nabashayela budedengu kumele babikwe.
Ufisele bonke abantu abazobe besebenzisa imigwaqo ukuphepha.
“Akube nokuthula, ukuthandana nokuzwana noma ikuphi lapho kuzobe kubhiyozwa khona. Asibambisane ekutheni kube nokuphepha nokuthi kuqale unyaka abantu babuye bephelele,” kusho uNksz Mnukwa.
Kuzotshalwa amaphoyisa omgwaqo emigwaqweni ehlukene ezweni.
Kuzokanisa namaphoyisa ezindaweni ezehlukene lapho kuzoseshwa khona abantu kanjalo nezimoto ngalesi sikhathi samaholidi.