IKHANSELA lakuward 84 kuMasipala waseThekwini, uMnuz Msizi E. Mabaso, lisolwa ngokuhlambalaza owesifazane okhubazekile Isithombe:FACEBOOK
IKHANSELA laku-ward 84 kuMasipala weTheku, uMnuz Msizi E. Mabaso, lisobishini ngenxa yezinsolo zokuchapha ngenhlamba, ukwehlisa isithunzi nokugxavuna ngamawashingi owesifazane oyisishoshovu samalungelo abantu abaphila nokukhubazeka.
UNksz Thenjiwe "Mathenji" Nxumalo (52), okhubazeke ngokungaboni kahle futhi ongumsunguli wenhlangano iThenjilabantu Empowerment For Disabled, usola uMabaso ngokumhlukumeza mhlazane ezofuna incwadi eqinisekisa ukuthi uyisakhamuzi kwi-ward ayikhansela kuyo ngoNovemba 1 nyakenye.
Uthe umsolwa wavele wamsukela nje esangena ngoba emsola ngokuba yilungu le-MK Party.
"Wangihlukumeza ngihamba noMnuz Mandla Msomi owayengisiza. Wangibamba ngesankahlu ngiwumuntu wesimame okhubazekile emehlweni. Wathatha neselula yami kimina ngaphandle kwemvume yami wangithuka nangokukhubazeka kwami. Wathi akanandaba nokukhubazeka kwami ngoba akuyena owathi angikhubazeke."
UNksz Nxumalo uthe uMabaso wabuye wayalela uMsomi ukuba angaphinde amsize futhi amphelezele uNksz Nxumalo ngoba uyisIphukuphuku esiyimpumputhe khona ezombamba kahle.
"Wathi noma ngingenzani ngeke ngisizakale futhi yena akaboshwa," kuphetha uNksz Nxumalo.
Ethintwa ukuba aziphendulele kulezi zinsolo, uMabaso uthe uNksz Nxumalo umbophela amanqina enyathi futhi usenga ezimithiyo ngenxa yokuthi bahlukene ngokwezinhlangano.
Ube esethumelela Isolezwe isikhangiso se-MK Party lapho yayithi izodingida kabanzi kwi-TikTok ngabantu abahlukunyezwe ngamakhansela. Nodaba lukaNksz Nxumalo lwaluseqhulwini.
Ebuzwa uNksz Nxumalo ngezinsolo zokuthi ubheca uMabaso ngobende ngenxa yokuthi uMabaso uyi-ANC ekubeni uNksz Nxumalo eyilungu le-MK ukuchithile lokho.
UNksz Nxumalo uthe uMabaso umqambela amanga ngoba yena akacheme naqembu lezombusazwe futhi usizo ayeyolufuna ehhovisi lekhansela kwakuwufuna incwadi qha, okuyinto eyayingahlanganise lutho nepolitiki.
Uthe waya kwi-MK eyoyibikela ngokungasizwa wuMabaso ngoba emsola ngokuba yilungu layo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuvulelwa kukaMabaso icala futhi wathi amaphoyisa aseBhekithemba amatasatasa nophenyo.
UNksz Nxumalo ubuye waveza ukuthi uthathele uMabaso incwadi eyisivimbelo emaphoyiseni kodwa wanqaba ukuyisayina. Akagcinanga lapho ubuye waxhumana nabameli abangaphansi kwenkampani iLegalwize ukuba bafune isinxephezelo kuMabaso.
Isolezwe liyibonile iLetter of Demand ebhalelwe uMabaso wumeluleki wezomthetho wakwaLegalwize, uJulia Sekunelo. Esephetha uNksz Nxumalo uthe uzohamba aze abemfishane ngoba ufuna uMabaso ajeze ngokumhlukumeza ekubeni engumuntu wesifazane onokukhabazeka.
Kwenzeka lokhu nje, bekusanda kubatshazwa udaba lowesifazane waseMtshezi, okuthiwa washawa yimeya.
Umgilwa ophila nokukhubazeka, uNkk Zandile Radebe (40) ongumabhalane ehhovisi le-IFP eMtshezi, kuthiwa washaywa ngemvula yezimpama yiMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele, uMnuz Mdududzi “Sobho” Myeza ngoJanuwari 16.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umsolwa wasola umgilwa ngokungawenzi kahle umsebenzi wakhe, wathi uma embuza ukuthi yimuphi umsebenzi angawenzi kahle, kwabe usezithele. Kuthiwa wamsolwa ngokumfaka amagama emlonyeni, wase emthela induku, waze wawa nesihlalo ayehleli kuso.
Kuthiwa umgilwa walimala, waphinde wathikamezeka nasemwondweni. Kuvela ukuthi uze walaliswa nasesibhedlela isikhashana.
Umsolwa namanje ubengakaboshwa yize likhona icala avulelwa lona esiteshini samaphoyisa eMtshezi.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ethintwa yiSolezwe phambilini, wathi bazolinda izinhlaka ezifanele zenze uphenyo lwazo ziqede ngaphambi kokuthi kube khona okushiwo yiqembu.