Umnyakazo ngomastende ‘abakhokhisa’ izitshudeni ngocansi
Page lead
ISIKHUNGO esinikezela ngoxhaso kwizitshudeni zemfundo ephakeme i-NSFAS, sigxeke ukuxhashazwa kwazo ngomasitende okubalwa nokukhokhiswa ngocansi ngomastende.
Lesi sikhungo sisho kanje njengoba kuqhubeka amahlebezi okuthi esikhungweni saseThekwini TVET College, izitshudeni zesifazane bezicelwa ngomasitende ucansi ukuze bazinikeze izindawo zokuhlala.
Esitatimendeni esikhishwe yilesi sikhungo, sithe asikufuni ukuhlukumezwa kwezitshudeni kanye nodlame olubhekiswe kuzo banoma yiluphi uhlobo.
"Sigxeka kakhulu ukuxhashazwa kwezitshudeni ezisengozini kanye nanoma yiziphi izenzo zodlame olubhekiswe kuzo. Ngokubambisana noMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha neThekwini TVET College sizoqala ngokushesha uphenyo ngezehlakalo ezibikiwe," kusho isitatimende.
Isitatimende sithe njengesikhungo bazosebenzisana nalabo abahlukumezekile.
"Sizosiza abahlukumezekile ukuthi bavulele abenzi bobubi amacala. Uma ngabe uphenyo mayelana nezinsolo ezibhekiswe komasitende lubonakala luyiqiniso, i-NSFAS izothatha izinyathelo ezinqala, okungabandakanya ukufakwa kwaleyo ndawo ohlwini lwamabhuku ababi kanye nokunqamula inkontileka yomasitende abathintekayo ukuqinisekisa ukuphepha kwezitshudeni."
"Mayelana nodaba lwezinkokhelo ezisalele ngoJanuwari 31, i-NSFAS ikhiphe isekhula kuzo zonke izikhungo zemfundo ephakeme ngezinyathelo ezenziwe ukuqinisekisa ukuthi izitshudeni ezixhaswe yi-NSFAS ziyabhaliswa," sisho kanje.
Siqhube ngokuthi mayelana nezitshudeni ezithintekayo ohlelweni lwe-Close-Out Project, okuyilapho i-NSFAS izokwazi ukukhokha imali enele, izitshudeni kufanele zivunyelwe ukubhaliswa kabusha futhi imininingwane yezithintekayo kufanele iyiswe ethimbeni le-NSFAS Servicing elikhona kuwona wonke amanyuvesi omphakathi namakolishi.
Related Topics: